Lubhalwe nguNkhensani Mthombeni
Umdlalo wamanqamu we-Grannies International Football Tournament (GIFT) ube umqansa ngesikhathi i-Breaker ibhekene ne-Lespressa e-Limpopo izolo.
Bekungowamanqamu phakathi kwamaqembu aseMelika ngesikhathi womabili la maqembu elwela indebe ebibhekwe ngabomvu.
I-Breakers eholwa uCathy Kelly (61) onamava ikwazile ukuphuma phambili ngemizuzu yokugcina yawina ngo 1-0.
Igoli likaKelly alishaye esiwombeni sokuqala belanele ukuthi iqembu lakhe liwine futhi ijubane le-Breakers lenze kwaba nzima ukuthi izimbangi zabo zishaye igoli lokulinganisa.
Lo mqhudelwano wezinsuku ezine obusenkundleni yezemidlalo i-Nkowankowa, eLimpopo ube impumelelo enkulu njengoba bekunabalandeli ababeze ngobuningi babo bezojabulisa ogogo. UHeather Mulliner waseMelika uqokwe njengomdlali ovelele kulo mqhudelwano, uNomsa Mashego we-Mbombela Gogos wathola indondo ye-Golden boot ngesikhathi uRita Wilkie enikezwa indondo yokuba umdlali omdala kunabo bonke kulo mqhudelwano.
I-Breakers inikeze uBheka Ntsanwisi ongumsunguli we-GIFT indebe. “Sikholwa ukuthi indebe akumele isuke kuleli, futhi akumele isuke e-Limpopo ukuze kuhlonishwe uMama uBheka owahlanganisa abesifazane emhlabeni wonke ngebhola,” kusho leli qembu.
I-Grannies International Football Tournament umqhudelwano lapho abesifazane abaneminyaka engu-50 nangaphezulu behlanganyela khona. Amaqembu aqhamuka e-Zambia, e-France, e-Mozambique, amane aseMelika kanye namaqembu ayisikhombisa akuleli ebeyingxenye yalo mqhudelwano.
Abadlali abavela emazweni angaphandle bathe bayithokozele impilo yaselokishini, amasiko kanye umculo wakuleli futhi baze bathenga izindwangu ze-Xitsonga ngenhloso yokukhombisa uthando ngezwe lethu.
Iqembu laseMelika litshele i-Scrolla.Africa ukuthi lizoya e-Kruger National Park ngaphambi kokubuyela ekhaya.
Ngakolunye uhlangothi i-Breakers izobungaza ukuwina kwayo e-Limpopo. Bekuwumdlalo omuhle , bekuwumqhudelwano omkhulu!
Esithombeni esingenhla: I-Breakers ihleli nomama uBeka Ntsanwisi ngesikhathi kunomcimbi wendebe
Umthombo wesithombe: Nkhensani Mthombeni