Elase-Zim libhekene nenkinga yezimali

Michael Madyira

Iqembu lase-Zimbabwe i-Highlanders FC selivumile ukuthi lisesimeni esibi sezimali selize lacela emphakathini usizo lokuthengela umphathi walo i-laptop entsha.

Isicelo sabo siphendulwe ngesikhathi isitolo sezincwadi sendawo sinikela nge-laptop.

Leli qembu elaziwa ngokuthi i-Bosso lifinyelele kumalunga alo.

“Iqembu lifisa ukuthenga i-laptop yehhovisi lesikhulu esiphezulu,” kusho unobhala weqembu uMorgen Dube.

“Ngenxa yesimo sethu sezimali samanje asikwazi ukuqongelela imali eyanele yokuthenga i-laptop.”

I-Highlanders yasungulwa ngonyaka ka-1926 iyiqembu lesibili ngobukhulu e-Zimbabwe ilandela i-Dynamos FC yase-Harare.

Abanye babadlali bayo bakudala kubalwa isihlabani se-Liverpool uBruce Grobbelaar kanye noPeter Ndlovu abake badlala kwiligi ye-English Premier League ku-Coventry City.

UBaltemar Brito owazalelwa e-Brazil owake waba ngumsekeli kaJose Mourinho ku-FC Porto kanye nakwi-Chelsea ungumqeqetshi omkhulu we-Bosso.

Umlingisi waseMelika u-Andrew Shue owayedlala indawo kaBilly Campbell ochungechungeni lomdlalo wakumabonakude i-Melrose Place uphinde wadlalela ne-Highlanders.

Kodwa ngemuva kokuthumela isicelo sokufuna usizo i-Highlanders ibhekane nokudutshwa abalandeli abazwakalise ukukhathazeka ezinkundleni zokuxhumana ngendlela engajwayelekile yokuthi leli qembu litholele umphathi walo uRonald Moyo, i-laptop.

“Ezinye izicelo ziyihlazo eqenjini elinjenge-Bosso,” kuphawula omunye umlandeli, u-Emma Moyoza ezinkundleni zokuxhumana.

UGodfrey Tevera omunye umlandeli ulandelile. 

“Lokhu kuyangehlula ngempela ukuthi iqembu alikwazi ngisho ukudayisa umdlali ukuze lithenge i-laptop? Iqembu elikhulu njenge-Highlanders kumele ngabe linamahloni ngalokhu okwenzekalayo kuyaphoxa kakhulu kanti iqembu linabalandeli abaningi ezweni lonke.”

Yize abanye bekubuka njengento eyihlazo ukucela ukuthengelwa i-laptop, kodwa abanye babonge intshisekelo nokungenelela kwabalekelelile.

Usihlalo weqembu uJohnfat Sibanda uvikele indlela abacele ngayo usizo.

Umthombo wesithombe: @TheChronicle

Izihloko zakamuva