Lubhalwe ngu-Arthur Greene
I-Russia isikhethe ukuhoxisa amasosha ayo edolobheni elibalulekile i-Kherson njengoba i-Ukraine ikhombisile ukuthi iyakwazi ukuzilwela.
UNgqongqoshe wezokuvikela wase-Russia, uSergei Shoigu uyalele amasosha ase-Russia abehleli edolobheni ukuthi abalekele ngaphesheya komfula e-Dnipro.
Ukuhlehla kwe-Russia e-Kherson kuzobonakala njengenguquko enkulu empini esidonse izinyanga eziyisishiyagalolunye.
Lokhu kuzozwela kakhulu kuMengameli wase-Russia uVladimir Putin omemezele emasontweni ambalwa edlule ukuthi i-Kherson iphakathi kwezinye izifunda esezibuswa i-Russia.”
Lesi simemezelo size ngemuva kwamahora ambalwa uKirill Stremousov obeyisekela lombusi wase-Kherson omiswe e-Russia eshonile engozini yemoto.
Ngesikhathi ephawula kumabonakude, uGeneral Sergei Surovikin ongumkhuzi wempi yase-Russia uthe “i-Russia yenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi izakhamuzi zase-Kherson ziyaphuma.”
Izikhulu zase-Ukraine zikugxekile lokho zakuchaza njengokudingiswa ngenkani”, njengoba i-Russia ithuthe abantu abaningi e-Kherson ngesikebhe.
Isithombe esingenhla esebhuloho i-Antonivskii elakhiwe phezu komfula i-Dnipro e-Kherson
Umthombo: @auto_glam