Elase-Afrika linethemba lokusingatha eye-CGF

Dylan Bettencourt

Isekela likaMengameli wemidlalo yama-Commonwealth Games Federation (CGF) uMiriam Moyo unethemba lokuthi ngelinye ilanga i-Afrika izosingatha imidlalo yama-Commonwealth.

“Nakanjani i-Afrika izosingatha le midlalo ngelinye lamalanga,” etshela i1BBC Sport Africa.

“Elakuleli lazama ukusingatha le midlalo, kodwa abazange bakhethwe. Lolu uphawu olukhombisa ukuthi i-Afrika ifuna ukusingatha le midlalo. Mhlawumbe nelakuleli lizongena ngelinye ilanga.”

ITheku laqokwa ukuthi lisingathe le mqhudelwano ngo-2015, kodwa kwathi ngoNdasa ngo-2017 kwacaca ukuthi angeke likwazi ukuphatha le mqhudelwano ngenxa yezinkinga zezimali.

Lo mqhudelwano wesi-22 uzosingathwa i-England e-Birmingham.

Le midlalo eyaqala ukubanjwa ngo-1930 ihlanganisa abasubathi abavela emazweni angu-72 iningi labo okwakungamakoloni ase-Britain. Emidlalweni yakamuva amazwe afana ne-Rwanda, i-Mozambique ne-Togo asuke ekhona noma kungekho okubaxhumanisa nama-Britain. 

I-Afrika enamalungu angu-21 iyona enesibalo esiphezulu, kodwa ayikaze isingathe le midlalo. I-Nigeria yafaka isicelo sokusingatha le midlalo ngo-2014 kodwa asiphumelelanga imidlalo yagcina isibanjelwe e-Scotland.

Elakuleli selike lasingatha imiqhudelwano emikhulu efana nebhola lombhoxo neNdebe yoMhlaba kanobhutshuzwayo, kodwa le midlalo ibidlalwa ezweni lonke  kunedolobha elilodwa.

Isabelomali semidlalo kulonyaka singu-R15.8 billion.

I-India kuphela esingathe le midlalo ngaphandle kwe-England noma e-Australia kanti izwe lase-Victoria lizosingatha le midlalo ngo-2026.

UMoyo uthe awamaningi amazwe ase-Afrika anezinsiza zokusingatha le midlalo.

“Izindleko zizohlale zikhona. Izindlela zokunciphisa izindleko zidingidwa i-Commonwealth Games Federation,” kusho uMoyo.

“Imibuzo okukhulunywa ngayo ngeyokuthi i-Afrika izokwethula ini nokuthi kungani inganikezwa ithuba futhi yini engayenza ukusingatha le midlalo. Nginesiqiniseko sokuthi i-Afrika izonikwa ithuba ngelinye ilanga.”

Esinye sezixazululo ukuthi amadolobha amabili ase-Afrika abambe le midlalo ngenhloso yokusabalalisa izindleko kanye nokwenyusa izinsiza.

Umthombo wesithombe: @InsideTheGames

Izihloko zakamuva