Elakuleli seliphinde labuyela kwesesithupha kugqamcishi 

Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezepolitiki

Isethembiso sesonto elingcono kwezamabhizinisi namakhaya sishabalele ngoMsombuluko ngesikhathi u-Eskom ukhuphula izinga lokucishwa kukagesi lisuka esigabeni sesithathu liya kwesesithupha ngemuva kokungasebenzi kahle kwamayunithi ayisikhombisa aphehla ugesi.

Inkampani kagesi yehlise ukucishwa kukagesi kwasuka esigabeni sesithupha kwaya esigabeni sesithathu nesesini ngempelasonto. Bekulindeleke ukuthi lokhu kwehliswa kwesigaba kube izindaba ezimnandi kwezamabhizinisi kuleli sonto ngemuva kwesonto lonke lokucinywa kukagesi kusesigabeni sesithupha ngesonto eledlule.

Izigaba eziphezulu zokucishwa kukagesi zehlise umnotho ngo-2% futhi kudla umnotho imali elinganiselwa ku-R1 billion ngosuku.

U-Eskom uthe iziteshi zikagesi ezinhlanu – i-Duvha, i-Grootvlei, i-Kendall, iMajuba, i-Medupi – isiteshi sikagesi ngasinye silahlekelwe amayunithi aphehla ugesi ngesikhathi i-Kriel ilahlekelwa amabili.

Nakuba i-Camden, i-Tutuka kanye ne-Matla zithole iyunithi yokukhiqiza eyodwa ngemuva kokulungiswa, akwanele ukuhlangabezana nesidingo esikhulu santambama nasekuseni kakhulu.

Lokhu kwenzeka nje ngesikhathi izikhulu ze-ANC ziqeda ukuphetha umhlangano wezinsuku ezine lapho ebezidingida khona inkinga kagesi zatshela izwe ukuthi zinohlelo.

UNgqongqoshe kagesi uKgosientsho Ramokgopa utshele abezindaba ukuthi babeke isabelomali esingaphezu kuka-R30 billion sokuthenga udizili futhi bahlela ukuvusa izimboni eziphehla ugesi ngamalahle eseziphelelwe isikhathi.

“Ukungenelela kokuqala ukusebenzisa izinjini zegesi futhi siyazi ukuthi umthamo wawo usuwonke ungu-5,300 MW.

“Ukungenelela okubalulekile ukutholakala kukadizili.”

Uthe ekunyusweni kwentela ngo-18% u-Eskom ekuthole kwa-Nersa, ibeke eceleni u-R8 billion wokuthenga udizili kanti u-R22 billion uzophuma kuNgqongqoshe wezeziMali u-Enoch Godongwana.

UMengameli uCyril Ramaphosa ohola imizamo yokunciphisa ukuthembela kakhulu ezikhungweni eziphehla ugesi ngamalahle uthe uhulumeni angakwazi ukubambezela ukuhoxiswa kwezikhungo ezindala zokuphehla ugesi ngesikhathi esifanayo bebesebenzisa i-Just Energy Transition Programme engu-R155 billion ukuthi isuke emalahleni iye emithonjeni yamandla kagesi avuselelekayo.

“Umsebenzi omkhulu uyaqhubeka wokunciphisa ukucishwa kukagesi ngokwenza ngcono ukusebenza kweziteshi zikagesi zakwa-Eskom.” Uthe lokhu kuhlanganisa ukubuyisela amayunithi eziteshini zikagesi i-Kusile ne-Medupi ukuze zisebenze ziphinde zenze ngcono izinga lamalahle ahlinzekwa eziteshini zikagesi.

Izihloko zakamuva