Elakuleli nezintsha zokuphehla ugesi

Dylan Bettencourt

Njengoba elakuleli libheka ezinye izinhlobo zokusebenzisa amandla kagesi amaphrojekthi kagesi abizayo angabangela amanani okunyuka kukagesi ngo-40%.

Inhlangano eyeluleka ngezomnotho namandla i-Meridian Economics ikhiphe umbiko ngoMsombuluko igqamisa umthelela womnotho wokusebenzisa igesi ekuphehleni amandla kagesi.

Umbiko uveze ukuthi isixazululo esingasetshenziswa elakuleli ukwehlisa amandla kagesi kungaba ukusebenzisa imithombo evuselelekayo efana namandla omoya kanye nelanga, uphethiloli negesi. 

Ngokusekelwe ekuqaguleni kombiko ngokusetshenziswa kwegesi kungasiza elakuleli longe u-R6.1 billion njalo ngonyaka kodwa kuzonyusa intengo kagesi ngo-40%.

Uma sibheka ikusasa lakuleli abe-Meridian Economics baphakamise ukuthi ngemuva kuka-2030 ukunyuswa kwentela yekhabhoni kungabangela igesi ukuthi inyuke ngo-60%.

“Ayikho indaba yezomnotho ngokusetshenziswa kwegesi ngezinga elikhulu ekuphehleni ugesi,” kusho umbiko.

Uhulumeni wakuleli useziqalile izinhlelo zokufaka izizinda zokuphehla ugesi ngegesi, ezizindeni zokuphehla ugesi ngamalahle.

U-Eskom usebenzela iphrojekthi yegesi esiteshini sayo sase-Komati e-Mpumalanga futhi ungathola igesi epayipini le-Republic of Mozambique Pipeline Company (i-ROMPCO) elisuka e-Mozambique.

Uhlelo olukhulu lwegesi lukahulumeni luzosebenza kumaphrojekthi ambalwa angase akwazi ukuhlangabezana nezidingo zegesi, kanti lolu hlelo luzobe selulungile ngoNdasa ozayo.

Njengoba ukusetshenziswa kwegesi kubonakala kwanda kakhulu kwelakulei, i-Meridian Economics ixwayise ngokuthi kungase kubangele imiphumela emibi yezomnotho.

“Igesi enkulu izokwenyusa kakhulu intuthu yemboni kagesi eletha ukulimala kwemvelo nezomnotho,” ngokusho kombiko. 

Ukukhishwa kwegesi ephezulu kungenza elakuleli likhokhe intela yekhabhoni ephakeme okuzoholela kwimiphumela emibi kwezomnotho ezweni lonke.

Umthombo wesithombe: @EnergyCapital&Power

Izihloko zakamuva