Elakuleli nesihlabani esisha ebholeni 

Ikusasa lesihlabani somdlali weSundowns uCassius Mailula lingase libe se-Europe futhi kungamele lo mdlali acijwe nguBenni McCarthy, kubhala uMichael Madyira.

Sekunesikhathi elakuleli lidonsa kanzima ukuthola umdlali osezingeni eliphezulu.

Umdlali ujwayele ukudlala ibhola le-Uefa Champions noma kwelinye lamaligi aqhudelana kakhulu emhlabeni abelokhu edlala njalo.

Umdlali usesikhundleni sezihlabani zakudala ezifana noBenni McCarthy, uSteven Pienaar, uLucas Radebe, uShaun Bartlett, uSiyabonga Nomvethe no-Aaron Mokoena.

Kunalokho kunento ebisijwayele ukwenzeka eminyakeni yamuva ebikhombisa izihlabani zeBafana Bafana zingahlali isikhathi eside e-Europe. Abanye babuyela emakhaya iminyaka yabo ingakafiki ngisho ku-28.

Kodwa-ke, ithemba lekusasa elifanayo nelabadlali bakudala elike laba khona phambilini like lavela kule sizini.

Umgadli weMamelodi Sundowns, uCassius  ngokungangabazeki nguyena umdlali oziveze kakhulu ku-Premier Soccer League (PSL) kule sizini.

Kuze kube imanje usekhombise amandla amakhulu okuba umdlali ozophakamisa ibhola lakuleli.

Mhlawumbe  kusemasinyane kakhulu ukuthi siqale ukuveza lo mdlali oneminyaka engu-21 ubudala njengomdlali ovelele, kodwa ukudlala kwakhe ikhona okwenza kuqhakaze ikhono lakhe.

  1. Ezinyangeni ezinhlanu nje eqale ukudlala ku-PSL njengomdlali obengaziwa, uMailula usejaha umklomelo wokuba umdlali ovelele.

Akakabizwa kuBafana, kodwa usedlulisele ifomu yakhe ye-PSL kwi-CAF Champions League njengoba eveza ikhono lakhe kuSundowns.

Isonto nesonto ukhombisa ukuthi unamandla okufinyelela ezingeni likaMcCarthy.

Yebo ngizokusho ngokugcwele lokhu, ilapho ephokophele khona.

Kodwa kusewumgwaqo omude futhi kuningi okudingekayo kuye ukuze afike lapho.

UMailula angase adinge mhlawumbe isizini eyodwa noma amabili ngaphezulu ku-PSL aphinde edlale ezingeni eliphezulu e-Afrika ukuze athole isipiliyoni.

Uma elokhu elikhuphula izinga lakhe akubuzwa ukuthi uma esuka eqenjini leSundowns kumele aye kwi-Premier League, i-Bundesliga, i-Ligue 1, i-La Liga noma i-Serie A.

Kusukela lapho uzoba ngumdlali osabisa izimbangi ezisezingeni lomhlaba ngendlela uMcCarthy nozakwabo abenza ngayo.

Uma kwenzeka ebuyela ku-PSL akumele imbangela yalokho kube ukuthi uhlulekile, kodwa kumele abuyele ekhaya ezothatha umhlalaphansi ngendlela uMcCarthy, uPienaar, noMokoena abenze ngayo.

Osesithombeni esingenhla: UCassius Mailula

Umthombo wesithombe: Mamelodi Sundowns

Izihloko zakamuva