Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezepolitiki
Uzovakashela kuleli uMengameli wase-Russia uVladimir Putin osekukhishwe incwadi egunyaza ukuboshwa kwakhe.
UPutin kulindeleke ukuthi avakashele kuleli uma uMengameli Cyril Ramaphosa ehlangana nabaholi base-Brazil, i-Russia, i-India kanye ne-China eNgqungqutheleni ebizwa nge-15 Brics Summit ezoba ngoNcwaba.
I-International Criminal Court (ICC) e-Hague ikhiphe incwadi egunyaza ukuboshwa kukamengameli ngecala lokuthunjwa kwezingane zase-Ukraine.
I-ICC ilindele ukuthi uhulumeni kaRamaphosa abophe uMengameli wase-Russia uma nje efika kuleli.
Nokho uSomlomo wePhalamende uNosiviwe Mapisa-Nqakula useveze izinkomba eziqinile zokuthi uhulumeni we-ANC ngeke akwazi ukumbopha uMengameli wase-Russia.
“Ezikhathini ezimbi kakhulu ngesikhathi i-Afrika ibuswa amakoloni futhi ikakhulukazi izwe lakuleli, i-Russia ingelinye lamazwe aseseka kakhulu.”
“I-Russia yasisekela kakhulu yaphinde yathatha abafundi bezinhlangano ezazilwela inkululeko yesifunda sethu ukuze bafunde e-Russia.”
UMapisa-Nqakula usanda kubuya e-Moscow njengoba ayehambele umhlangano wePhalamende lase-Russia-Africa ngomhlaka-17 kuNdasa.
Uthe akukho okukhombisa ukuthi ubudlelwano bukaMengameli Ramaphosa nobukaMengameli wase-Russia ukuthi buzoshintsha njengoba uPutin efunwa ngamacala ezimpi zamazwe ngamazwe.
“Elakuleli lisazoqhubeka nokuba nobudlelwano ne-Russia. Uma elakuleli lisingatha i-Brics, ngilindele ukuthi izinhloko zezwe ezingamalungu e-Brics zinethezeke kuleli,” etshela i-Newzroom Afrika.
Ngaphandle kwalokhu, uPutin njengoRobert Mugabe owayenguMengameli wase-Zimbabwe ongasekho, useyisithixo emehlweni abantu abaningi bakuleli kanye nabase-Afrika.
Lokhu kwenzeka ngaphezu kwamarekhodi ashaqisayo abandakanya laba bobabili ezindabeni zamalungelo abantu.
UNobhala-Jikelele we-ANC uFikile Mbalula uthe udaba lukaPutin lusingathwa uhulumeni.
Phambilini uRamaphosa uke weluleka ngokuthi elakuleli lingathanda ukubamba iqhaza emizamweni yokuxazulula ingxabano phakathi kwe-Russia ne-Ukraine.
“Ukungathathi hlangothi kuyafana nenhlanhla futhi baningi abanye abakhethe indlela efanayo.
“Inzuzo kukho konke lokhu ukuthi singakhuluma nezinhlangothi zombili.”