Ihhovisi likaMengameli ligqamise ukubaluleka komdlalo webhola lezinyawo wokugqugquzela ukuthula nobumbano e-Palestine.
Lo mdlalo ubusenkundleni i-Athlone eKapa ngeSonto.
Lolu suku bekuwusuku olufanayo nosuku lokukhumbula ukukhululwa kowayenguMengameli uNelson Mandela ejele ngo-1990.
Lo mdlalo ubuhanjelwe uRamaphosa neMeya yaseKapa uGeordin Hill-Lewis.
Iqembu lase-Palestine belimenywe i-South African Football Association (Safa) eWestern Cape.
Imidlalo neqembu laseNingizimu Afrika, eliholwa abaqeqeshi okubalwa uBoebie Solomons, uJomo Sono, noFarouk Khan, ibe uphawu lokweseka amalungelo abantu base-Palestine.
Iqembu lebhola lase-Palestine lifike ngasekupheleni kwesonto eledlule kanti lithole imfudumalo kubantu abakade bebajabulela ukufika kwalo.
Phakathi kwalabo abamukele iqembu lase-Palestine esesikhumulweni sezindiza kubalwa iPhini likaNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko uNocawe Mafu.
UMafu uthe: “Silapha ukuzokwamukela abangani bethu, amaqabane ethu, iqembu lase-Palestine elizodlala umdlalo wokuthula nobumbano eKapa. Kubaluleke kakhulu lokhu kithi. Sibe ngabangani ne-Palestine kusukela ngeminyaka yango-1950 ngoba imizabalazo yethu iyafana.”
Iqembu kulindeleke ukuthi lihlale kuleli amasonto amabili njengoba umdlalo walo olandelayo uzoba ngomhlaka-18 kuNhlolanja.
Umdlalo wabo wesibili bazowudlala neBafana Bafana kanti uzobizwa nge-Freedom Cup.
Luhlanganiswe ngumbhali we-Stuff
Isithombe esingenhla: URamaphosa neqembu lebhola lase-Palestine.
Umthombo wesithombe: X