Lubhalwe nguKamogelo Olaitan
Izakhamuzi zakuleli kuzofanele zilindele ukuba sebumnyameni ngesikhathi samaholide nanoma esedlulile amaholide.
UJan Oberholzer oyi-COO yakwa-Eskom, uthe ukucinywa kukagesi kusazokwenzeka ezinyangeni ezizayo njengoba amaphrojekthi amakhulu kanye nokulungiswa kwehlisa umthamo wokukhiqiza.
U-Oberholzer obekhuluma ngoLwesibili esithangamini nabezindaba mayelana nesimo sohlelo lwamandla kagesi kuleli, uthe ukulungisa kuzodala ukuthi ucinywe ugesi.
Uthe i-Koerberg nuclear power station okuyiyona abayithembayo emishinini ekhiqizayo, izoya kolungiswa kusukela ngomhlaka-8 kuZibandlela kulo nyaka kuze kube uNhlangulana ngonyaka ozayo.
Lokhu kuzosusa umthamo wokukhiqiza ongu-920MW kwi-national grid ezinyangeni eziyisithupha.
“Iyunithi yokuqala ye-Koerberg Nuclear power station ebeyinezinsuku ezingu-384 ingaphazanyiswa yilutho, izovalwa ukuze ixilongwe iphinde ithole namafutha kuphinde kushintshwe nama-generator amathathu njengohlelo lokuthi akwazi ukusebenza isikhathi eside,” kusho u-Oberholzer.
U-Oberholzer uthe ukulungiswa kweyunithi yokuqala, neyesibili kanye neyesithathu eKusile kanye neyesine e-Medupi kuzosusa umthamo wokukhiqiza ongaphezulu kuka-2,300MW.
“Singalindela ukuthi abe maningi amathuba okuthi kucinywe ugesi kuze kuqedwe ukulungisa kanye nokuqinisekisa ukuthi konke kusesimweni esifanele, lokhu kuzokwenzeka ezinyangeni ezingu-12 ezizayo,” engeza.
Uthi ilokhu-ke okwenzekayo uma usebenza ngohlelo oluntekenteke olungenawo amandla- uma kuke kwabheda endaweni eyodwa kuvele kube nomthelela kuyo yonke indawo.
“Ukulahlekelwa amandla okwesikhashana kuzokwenza sibe nzima kakhulu isikhathi sasehlobo, njengoba lesi kuyisikhathi okuvalwa ngaso amanye amayunithi ukuze kuqinisekiswe ukuthi yonke into isesimweni,” kusho u-Oberholzer.
Uphinde wamemezela nokwesula emsebenzini kukaRhulani Mathebula oyisikhulu se-Power utility group for generation. UMathebula wathatha izintambo kuPhillip Dukashe naye owasula ngoNhlaba kulo nyaka.
Elakuleli libe nonyaka ongemuhle njengoba licinyelwe ugesi izinsuku ezingu-155 kusukela kuMasingana kulo nyaka futhi usazocinywa nangamaholide.