Elakuleli lizosingatha izingxoxo zokuthula zase-Ethiopia

Arthur Greene

Zombili izinhlangothi empini eyingozi yombango yase-Ethiopia zivumile ukujoyina izingxoxo zokuthula ezizoqala ngeSonto kuleli.

Kubikwa ukuthi i-Tigray People’s Liberation Front (TPLF) yamukele isimemo se-African Union (AU) sokuthi ihlale phansi ixoxisane nohulumeni wase-Ethiopia.

Izingxoxo zizoholwa ngowayenguMengameli wase-Nigeria u-Olusegun Obasanjo osengumxazululi omkhulu kwi-AU.

Uzokwesekwa ngowayenguMengameli wase-Kenya u-Uhuru Kenyatta osaqhubeka nokubamba iqhaza elibonakalayo ekuzameni ukuthola isisombululo sempi yase-Ethiopia esithathe iminyaka emibili.

Isimemo sezingxoxo esithunyelwe umphathi we-TPLF uDebretsion Gebremichael, sithi bazosebenzela “ukubeka isisekelo sokuxoxisana okuhlelekile nokuqhubekayo.

Impi ongoti abakholwa ukuthi ngebulala kakhulu emhlabeni ibilokhu iqhubeka kusukela ngoLwezi ngo-2020.

Ukuvinjwa okuzungeze isifunda esisenyakatho ye-Tigray kudale enye yezinhlekelele ezimbi kakhulu emhlabeni, futhi kufike ku-90% wabantu bakhona abadinga usizo oluphuthumayo.

Ukumiswa kwempi okuthathe izinyanga ezinhlanu kuphele ngoNcwaba ngesikhathi lezi zinhlangothi zombili ziqala impi ebulalayo kabusha.

Umthombo wesithombe: @ForeignAffairs

Izihloko zakamuva