Elakuleli lizohlaselwa iRussia uma kuboshwa uPutin-Hlabisa 

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

I-IFP yesaba ukuthi iNingizimu Afrika ingase ihlaselwe amasosha ase-Russia uma uVladimir Putin eboshwa kuleli ngoNcwaba.

Lokhu kukhathazeka kuvezwe nguMengameli we-IFP, uMnu Velenkosini Hlabisa ngesikhathi exoxa nomhleli wezepolitiki kwa-SABC uMzwandile Mbeje.

UHlabisa uthe uma uhulumeni wakuleli uthatha leso sinyathelo kungase kubeke izwe engcupheni.

“Uma uhulumeni wakuleli ebopha uPutin, singazithola sisenkingeni futhi sihlaselwa i-Russia.

“Ngicabanga ukuthi sinezinkinga ezanele esibhekene nazo njengokushoda kwemisebenzi, ukucisha kukagesi nobugebengu obusabisa imiphakathi yethu,” kusho uHlabisa.

UPutin, onguMengameli we-Russian Federation kulindeleke ukuthi atheleke kuleli ngoNcwaba ukuzothamela ingqungquthela ye-Brics ezoba seThekwini.

Kumanje uNdunankulu wase-Western Cape u-Alan Winde usekubeke kwacaca ukuthi uma efika eKapa bazombopha njengokusho kwe-International Criminal Court yase-Hague.

Izwe lingaphansi kwengcindezi yokuthi kuboshwe uPutin njengoba efunwa ngamacala ezimpi awenza ngesikhathi amasosha akhe ehlasela i-Ukraine, njengokuthunjwa kwezingane ngobuningi.

Umholi we-DA uJohn Steenhuisen uthe uPutin kumele aboshwe uma efika kuleli ayiswe eNkantolo Yamacala Obugebengu Yamazwe Ngamazwe ngamacala akhe.

Uveze ukuthi bazophoqa uhulumeni ukuthi abophe uPutin ngokuya enkantolo njengoba benza kowayenguMengameli wase-Sudan, u-Omar Al Bashir.

“Sikwazile ukuthola incwadi yeNkantolo yokuthi uhulumeni wethu abophe u-Al Bashir ngesikhathi ehambele i-African Union Summit eGoli. Futhi sikholelwa ukuthi kusengenzeka kuPutin,” kusho uSteenhuisen.

NgeSonto, uMengameli uCyril Ramaphosa uthe udaba lukaPutin ludingidwa ePhalamende futhi useqoke nekhomishana yophenyo yamalungu amathathu azophenya ngomkhumbi i-Lady R okusolwa ukuthi wawusetshenziswa ukulayisha izikhali ezisuka eKapa ziya e-Russia.

Ithimba lizobe liholwa iJaji uPhineas Mojapelo kanti lizobe lihlanganisa u-Adv Leah Gcabashe SC no-Enver Surty.

Isithombe esingenhla: UMengameli we-IFP uVelenkosini Hlabisa ukhathazekile ngokuthi i-Russia ingase iqhumise elakuleli ngamabhomu uma uVladimir Putin eboshwa ngoNcwaba.

Umthombo wesithombe: I-Twitter

Izihloko zakamuva