Elakuleli lithembele kuDricus ngendondo yegolide

Elakuleli lingase lithole umpetha walo wokuqala we-UFC futhi ngeke ufune ukuphuthelwa yile mpi, kubika uDylan Bettencourt.

UDricus du Plessis usesondele ekutheni aqophe umlando kanti ngeSonto ekuseni kuzoba isikhathi sakhe sokuthi akwenze kwenzeke. UDu Plessis ubheke ukuba ngowokuqala wakuleli ukuphakamisa indondo yegolide ye-UFC.

Uzolwa noSean Strickland embangweni webhande le-middleweight ku-Ultimate Fighting Championship ngeSonto ekuseni.

Lo mshayisibhakela (30) uselwe izimpi eziyisithupha kuphela ku-UFC, wazinqoba zonke nokuyinto emholela ethubeni lokuwina igolide.

Kodwa-ke, uDu Plessis unomsebenzi onzima omlindele. UStrickland ongumpetha wamanje akulula ukumehlula.

UStrickland angase abukeke njengomshayisibhakela ongcono kodwa njengoba uDu Plessis ejwayele ukusho ngemuva kokunqoba kwakhe: “Abakwazi esikwaziyo”. Lo mshayisibhakela usephinde waba ngomunye wababhekwe kakhulu ngabantu bakuleli.

UDu Plessis unethuba langempela lokunqoba ngomdlalo wakhe we-wrestling obukeka ungcono kunowembangi yakhe.

Futhi ngamandla anawo, isibhakela esisodwa yiso kuphela asidingayo ukuze abe umpetha we-middleweight.

Impi izokhonjiswa bukhoma esiteshini se-DStv 201 kusukela ngo-5 ekuseni, ngakho setha lawo mawashi!

➤ Imidlalo ye-Africa Cup of Nations (Afcon) isaqhubeka ngempelasonto yesibili njengoba i-Algeria izobhekana ne-Burkina Faso ngo-4 ntambama ngoMgqibelo. I-Mauritania izodudulana ne-Angola ngo-7 ebusuku ngaphambi kokuthi i-Tunisia ibhekane ne-Mali ngo-10 ebusuku.

NgeSonto kuzoqala i-Morocco lapho ezodudulana khona ne-Congo ngo-4 ntambama ngaphambi kokuthi i-Zambia idudulane ne-Tanzania ngo-7 ebusuku.

IBafana Bafana izoba nomdlalo onzima lapho ezobhekana khona ne-Namibia ngo-10 ebusuku. Ngemuva kokuhlulwa emdlalweni wokuqala ne-Mali, iBafana kumele iwine uma izimisele ngokudlulela esigabeni somkhumulajezi ku-Afcon.

Yonke le midlalo izokhonjiswa bukhoma esiteshini se-DStv 202.

➤ Lindela impelasonto emnandi yebhola lombhoxo emaqenjini akuleli.

Umdlalo ongabukwa ngowamaStormers e-Paris lapho azobhekana khona ne-Stade Francaise esimweni esishubile. AmaStormers ahambela phezulu njengamanje futhi anqobe ngendlela egculisayo ebhekene ne-Sale Sharks ngesonto eledlule nakuba efike aphela amandla njengoba cishe bonke abadlali bebekhombisa indlela yokunqoba. Siyethemba ukuthi uJohn Dobson uzobe eseqinisekise iqembu lakhe ukuthi liwuthathele phezulu lo mdlalo. Abakwazi ukulahlekelwa yilokhu. . . noma bangakwazi?

AmaBulls adlalela ekhaya kuthiwa azoshaya i-Bordeaux Begles kodwa kuzoba umdlalo onzima. I-Bordeaux iwine imidlalo yayo emithathu yokugcina ngamaphuzu ayikhulu amangalisayo kodwa amaBulls adlala umbhoxo omuhle futhi adlalisa iqembu elisezingeni eliphezulu.

AmaCheetahs ebengeke ajabulise umqeqeshi uHawies Fourie ngokuhlulwa kwawo i-Pau. I-Oyonnax ayizange iphumelele kulo nyaka kanti amaCheetahs kufanele alungise amaphutha ayo kule mpelasonto.

AmaLions ne-Ospreys asemqhudelwaneni ofanayo ngokwamaphuzu kodwa umehluko ukuthi amaLions azodlalela ekhaya. Ngeshwa i-Ellis Park izobe ingenalutho futhi kuzoba nenzuzo encane kakhulu yasekhaya.

Siyethemba ukuthi amaSharks asengenile egiyeni lawo – futhi siyethemba ukuthi azowahlula ama-Dragons. Isimo sezulu e-Wales sizobanda kakhulu, mhlawumbe sibe manzi kube nomoya ovunguzayo. Ubungeke uthumele i-husky yakho yase-Siberia esimweni sezulu esinjalo.

AmaBulls vs Bordeaux Beagles ngoMgqibelo ngo-3pm

I-Oyonnax vs iCheetahs ngoMgqibelo ngo-5.15pm

AmaStormers vs Stade Francaise ngoMgqibelo ngo-7.30 ebusuku

AmaLions vs Ospreys ngeSonto ngo-3 ntambama

Ama-Dragons vs amaSharks ngeSonto ngo-7.30 ebusuku

Yonke imidlalo yebhola lombhoxo izokhonjiswa bukhoma esiteshini se-DStv 211. Eminye eminingi izokhonjiswa ku-DStv.

➤ I-Premier League isibuyile futhi njengempelasonto edlule kunemidlalo emine kuphela.

I-Arsenal izoqala nge-London derby ibhekene ne-Crystal Palace ngo-2.30pm ngaphambi kokuthi i-Brentford ibhekane ne-Nottingham Forest ngo-7.30 ebusuku.

NgeSonto kuzoqala i-Sheffield United lapho ezokwamukela khona i-West Ham United ngo-4 ntambama ngaphambi kokuthi i-Liverpool idudulane ne-Bournemouth ngo-6.30 ntambama.

Yonke le midlalo izokhonjiswa bukhoma esiteshini se-DStv 203.

Esithombeni esingenhla: UDricus du Plessis.

Umthombo wesithombe: X

Izihloko zakamuva