Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Elakuleli lithi sekwanele ngezithembiso ezingafezwa!
Abantu bagcwale imigwaqo emasontweni adlule bebhikishela ukuhluleka kokulethwa kwezidingo.
Amanzi, ugesi, ukwakhiwa kwezindlu kanye nokuthuthwa kwendle.
Bayahluleka ukufeza zonke izithembiso futhi ukubekezela kwabantu sekuphelile.
Amalungu omphakathi agcwale imigwaqo eshisa amathayi ngenxa yokucasuka ngezithembiso ezingekho.
NgoLwesine izakhamuzi osekuphele cishe isonto zingenawo amanzi zokhele umlilo zavala umgwaqo u-N1 onqamula e-Ventersburg, eFree State.
Kodwa lesi sigameko akusona sodwa.
Kube neminye imibhikisho ezinsukwini ezidlule:
E-GAUTENG:
Mhla ziyisithupha kuNhlolanja imigwaqo ezungeze i-Roodepoort ibivaliwe ngenxa yombhikisho.
Umgwaqo obizwa nge-Albertina Sisulu Drive ubuvaliwe ngenxa yombhikisho emijondolo yasePrincess. Kubizwe amaphoyisa nabe-JMPD ukuthi bazoqapha isimo.
Kwa-Thema, e-EKurhuleni, nomgwaqo obizwa ngoThema ubuvaliwe ngoLwesine kwashiswa namathayi.
E-Vosloorus mhla zintathu kuNdasa bekujikijelwa ngamatshe abashayeli abadlulayo ngesikhathi sombhikisho.
Kuxoshwe ama-Live rounds ezikhungweni zomthetho ezehlukene asiza uma kunemibhikisho.
KWAZULU-NATAL
KuNhlolanja umgwaqo u-R617 oya e-Underberg/Boston uvalwe ababhikishi ababebhikishela ukushoda kwamanzi.
Ngaleso sikhathi, abantu bebengenawo amanzi nogesi izinsuku ezingaphezu kweziyisihlanu.
Kube nombhikisho kumgwaqo uMangosuthu Highway mhla zizinye kuNhlolanja. Umgwaqo omkhulu ubuvaliwe. Izimoto eziningi bekumele zizame ezinye izindlela zokuhamba.
EMPUMALANGA
Mhla zizinye kuNhlolanja izakhamuzi zase-Hazyview nase-Hoedspruit azikwazanga ukusebenzisa imizila yazo evamile njengoba umgwaqo waseMatsikitsane ubuvalwe amaloli. Ababhikishi bathathe okhiye kubashayeli bamaloli.
Ngalo lolo suku abafundi besikole samabanga aphezulu e-Patriot bangene emgwaqeni beshisa amathayi bevala nemigwaqo.
E-Northen Cape
Kube nombhikisho ku-N14, ongu-60km ukusuka e-Kuruman ubheke e-Vryburg.
Umgwaqo ubuvaliwe futhi nesimo besishubile.
ENorth West
Kube nombhikisho emgwaqeni u-R506 Jan Kemp/Christiana/GeluksOord. Yonke imigwaqo ibivaliwe mhla ziyisithupha kuNhlolanja.
Ngomhlaka-13 kuNhlolanja umgwaqo omatasa u-N12 e-Ikageng (Potchefstroom) ubuvaliwe ngenxa yemibhikisho. Izakhamuzi bezibhikishela ukungalethwa kwezidingo kubantu.
E-Eastern Cape
Mhla ziyisishiyagalolunye kuNhlolanja ababhikishi basuka endaweni yase-East London bebhikishela ukungalethwa kwezidingo. Bamise yonke into.
Ngomhlaka-16 kuNhlolanja kwaba kuvalwe imigwaqo, izitolo kanye namabhizinisi izinsuku ezimbili eKomani (Queenstown).
EWestern Cape
Ngomhlaka-20 kuNhlolanja kube nemibhikisho ku-Baden Powell Drive eKhayelitsha. Abantu kudingeke basebenzise ezinye izindlela ukuhamba.
ELimpopo
Mhla zimbili kuNhlolanja umgwaqo u-R40 phakathi kwe-Dwarsloop ne-Acornhoek ubuvinjwe ababhikishi bejikijela ngamatshe emigwaqeni bephinde begcwalisa imfucuza yonke indawo.
Ngomhlaka-20 kuNhlolanja kube nombhikisho omkhulu wokulethwa kwezidingo e-Phalaborwa. Izakhamuzi zakule ndawo bezibhikishela ukungabibikho kukagesi namanzi.
Lolu akulona uhlu oluphelele. Imibhikisho eminingi ayibikwa nakancane.
Izwe lisengcupheni kanti ukhululelangoqo wemashi ehlelwa i-EFF ngomhlaka-20 kuNdasa ungase umise yonke into.