Dylan Bettencourt
Iqembu lakuleli liqede i-World Athletic Championships lingatholanga ngisho neyodwa indondo okokuqala ngqa kusukela ngo-2007.
Ukuya kulo mqhudelwano obuse-Oregon, eMelika, elakuleli belinethemba elincane kakhulu lokuthola indondo yegolide kodwa ukubuya kweqembu lingatholanga ngisho neyodwa indondo bekubukeka kuyinto engeke yenzeke.
Lokho kube yinto edabukisayo ngeSonto ekuseni ngesikhathi elakuleli liqeda endaweni yesithupha emjahweni wabesilisa we-4x100m relay.
Kodwa-ke lokhu ngeke kubukeke njengokusebenza kabi kwezwe. Iqembu lakuleli liwine imidlalo emine yokuqala kweyisishiyagalombili. Lokho kungcono kunezikhathi ezine ngesikhathi elakuleli liwina emithathu kuphela kweyisishiyagalombili.
Abebegaqele izindondo uWayde van Niekerk kanye no-Akani Simbine abakwazanga ukukhombisa amakhono abo ngokuthola izindondo.
UVan Niekerk, ophuma ekulimaleni osekuphazamise amathuba akhe iminyaka eminingi, uphumelele wathola indawo yesihlanu kuphela kowamanqamu we-400m. Kodwa-ke owathola indondo yegolide kuma-Olympics uhlezi enethemba mayelana namathuba akhe okuwina indondo esikhathini esizayo.
USimbine akakwazanga ukumelana nabasubathi baseMelika ngesikhathi ephuma endaweni yesihlanu kowe-100m.
Lo msubathi ugijime kakhulu kunabo bonke ozakwabo emjahweni we-relay ngeSonto ekuseni kodwa akubanga kuhle ngokwanele ukuthola indondo.
Imiqhudelwano iba njalo ngemuva kweminyaka emibili kanti elakuleli seliwine okungenani indondo eyodwa kuyo yonke imiqhudelwano kusukela ngo-2007.
Kule midlalo uCaster Semenya ubeqhudelana okokuqala ngqa kowe-5 000m kanti uphume endaweni yesi-13 kubasubathi abangu-16, kodwa ubazi kwasekuqaleni ukuthi ngeke athole izindondo.
ULuxolo Adams ukhombise ikhono ku-200m kodwa wehluleka ukwenza kahle kowamanqamu.
Elakuleli lingase libe nethemba lokuphizindiselela ngokuhlulwa kwalo kuma-Commonwealth Games e-Birmingham, eNgilandi azoqala ngoLwesine ngomhlaka-28 kuNtulikazi.
Umthombo wesithombe: @TheCitizen