Elakuleli lifuna ukusingatha eyomhlaba yabesifazane

Dylan Bettencourt

Elakuleli laqopha umlando ngesikhathi lisingatha iNdebe yoMhlaba ye-Fifa ngo-2010 futhi laba yizwe lokuqala lase-Afrika ukwenza lokhu.

Manje elakuleli lifuna ukuphinde likwenze lokho.

I-South African Football Association (Safa) iveze ukuthi ifuna ukusingatha iNdebe yoMhlaba yabesifazane yango-2027.

Uma isicelo siphumelela, elakuleli lizoba yizwe lokuqala lase-Afrika ukusingatha lo mqhudelwano wabesifazane.

“I-National Executive Committee (NEC) isinqume ukuthi kumele sizicelele ukusingatha iNdebe yoMhlaba yabesifazane yango-2027,” kusho isikhulu se-Safa uTebogo Motlanthe etshela i-BBC.

“Thina njengabaphathi sizokwazisa i-Fifa bese siqala uhlelo lokusingatha iNdebe yoMhlaba.”

Iqembu lesizwe lakuleli labesifazane iBanyana Banyana libe ngompetha bezwekazi ngoNtulikazi ngesikhathi lithatha isicoco se-Women’s Africa Cup of Nations (Wafcon).

Okumi endleleni yelakuleli izicelo ezivela e-Netherlands, e-Belgium kanye nase-Germany nabo abacele ukusingatha umqhudelwano wango-2027 eminyakeni emibili edlule.

Kufakwe isicelo se-Denmark, i-Norway kanye ne-Finland kodwa la mazwe amathathu afuna ukusingatha i-European Championship yango-2025 njengoba kungenzeka kube nomqhudelwano wezwekazi.

IMelika iphinde yaveza intshisekelo yokusingatha iNdebe yoMhlaba yabesifazane yango-2027 noma yango-2031.

INdebe yoMhlaba elandelayo yabesifazane ihlelelwe ukuba ngo-2023 kanti i-New Zealand ne-Australia izosingatha lo mqhudelwano ngokuhlanganyela futhi lo mqhudelwano uzoba namaqembu angu-32 okokuqala ngqa.

Esikhathini esedlule iNdebe yoMhlaba yabesifazane yayinamaqembu angu-24 kuphela abamba iqhaza.

Elakuleli liqale lahlongoza indaba yokusingatha iNdebe yoMhlaba yango-2023 kodwa lahoxa ngenhloso yokuthi liqale lithuthukise iligi yesizwe yabesifazane esikhundleni salokho.

IBanyana Banyana isadlale kwiNdebe yoMhlaba eyodwa kuphela kuze kube manje, ngo-2019 yakhishwa kweyomkhumulajezi.

Kodwa-ke bazothola elinye ithuba lokudlulela kweyomkhumulajezi uma bebamba iqhaza emqhudelwaneni wangonyaka ozayo.

Umthombo wesithombe: @SAPeople

Izihloko zakamuva