Elakuleli libhekene nenkinga yamaqembu amancane afuna ukubusa 

Lubhalwe nguZukile Majova umhleli wezindaba zepolitiki

Elakuleli libhekene nenkinga enkulu yamaqembu amancane anesihlalo esisodwa noma ezimbili ezibambe imikhandlu yezigidigidi zamarandi.

Lesi sihlalo senza babuse yonke imiphakathi ngesabelo esincane sevoti elingu-1%.

Bafuna izikhundla eziphezulu njengezikhundla zoSomlomo womkhandlu, ngisho nezikhundla zeMeya eziphezulu kuMasipala.

Sifike kanjani kulokhu?

I-Northern Alliance, okuyiqembu elinezihlalo ezintathu kuMasipala wase-Nelson Mandela Bay, yenze i-DA yangalala kuleli sonto ngesikhathi isabisa ngokuhoxisa umfelandawonye oholwa i-DA ophethe umkhandlu ka-R37 billion.

Manje i-DA ibambe umkhandlu ngezihlalo ezingu-60 uma kuqhathaniswa nezingu-59 zomfelandawonye we-ANC e-Gqeberha.

 I-Northern Alliance yaphuma ekuhlanganyeleni ne-ANC ngoMandulo odlule, yajikela umkhandlu we-DA. Ukuphuma ku-DA bekuzobuyisela i-ANC emandleni.

Konke lokhu kudonsisana kunemithelela eyinhlekelele ekubuseni, ukuzinza kanye nokulethwa kwezinsiza e-Gqeberha.

Njengoba kunje, idolobha lidinga izixazululo eziphuthumayo enkingeni enkulu yokushoda kwamanzi okungenzeka aphele kumaphampu ezinyangeni ezintathu.

Ukuntuleka kwemisebenzi kuyanda, ingqalasizinda iyawohloka futhi izigebengu ezingenangqondo zidubula abantu emigwaqeni emini kabha ngaphandle kwesizathu.

Ukhetho lohulumeni basekhaya lwango-2021 lushiye kulenga imikhandlu engu-66, okunikeze amandla amakhulu kulabo abazibiza ngamakhosi.

E-Gauteng, elinye iqembu elincane i-Al Jama-ah lithathe izintambo zedolobha laseGoli ngamavoti angaphansi kuka-1%.

Emahoreni ambalwa ethathe izintambo, iMeya entsha uThapelo Amad imemezele izinhlelo zokuboleka u-R2-billion ukuze kuthuthukiswe isikhwama sedolobha.

Kumasipala weTheku, uPhilani Mavundla wenhlangano engaziwa i-Abantu Batho Congress usize i-ANC ukuthi ithathe izintambo ngemuva kokuthi kungekho nelilodwa iqembu elithole abantu abaningi okhethweni lo masipala lwango-2021.

UMavundla ugixabezwe ngesikhundla sokuba yiPhini leMeya.

Naye uMavundla waziveza ukuthi ungubani ngesikhathi kuqubuka uchungechunge lwemizamo yokugudluza iMeya uMxolisi Kaunda ngevoti lokungamethembi.

Konke lokhu kwenzeke ngesikhathi iTheku lingaphansi kwengcindezi yokwakha kabusha ingqalasizinda eyacekelwa phansi izikhukhula zangonyaka odlule, okuholele ekutheni amabhishi aseThekwini alahlekelwe izivakashi njengoba indle ibingena olwandle.

Okwethusa kakhulu kulokhu ukuthi umsangano wamadlelandawonye wohulumeni basekhaya ungase ufudukele kohulumeni bezifundazwe ngemuva kokhetho lukazwelonke luka-2024.

Mancane amathuba okuthi i-ANC ithole amavoti amaningi e-Gauteng futhi ukuvuka kabusha kwe-IFP kusho ukuthi iKwaZulu-Natal ayiseyona indawo yokuzingela ejabulisayo ye-ANC.

NgoLwesine, uNobhala-Jikelele weqembu uFikile Mbalula umemezele ukuthi i-ANC iqoke uNdunankulu wase-Gauteng uDavid Makhura ukuthi ahole ithimba elizocwaninga ngemifelandawonye ekhona bese beleluleka ngokuthi kumele kwenziwe njalo kwizivumelwano ezifana nalezi esikhathini esizayo.

Kungase kudingeke ukuthi abize umbiko wakhe, ngemuva kombhalo odumile okhuluma ngezimpi zabashokobezi kanye nempi yamazeze.

Isithombe esingenhla: IMeya yaseGoli uThapelo Amad. Asiqondile ukusho ukuthi uyizeze, kodwa iqembu lakhe, i-Al Jama-ah lincane ngempela.

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva