
Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezepolitiki
Amalahle awayi ndawo.
Elakuleli angeke lidonswe ngekhala amazwe angaphandle ukuthi lilahle iziteshi zayo zokuphehla ugesi ngamalahle.
Lokhu kushiwo uGwede Mantashe, onguNgqongqoshe wezokumbiwa phansi nezamandla onikwe umsebenzi wokusiza elakuleli enkingeni ebhekene nayo njengamanje.
“Amalahle iwona esiwaziyo kuleli futhi basazophoxeka abathi asishiye amalahle,” kusho uMantashe etshela izithunywa ebezihambele i-2023 Africa Energy Indaba eqhubekayo e-Convention Centre yaseKapa.
UMantashe ubalulekile kakhulu ekuqalweni kwezinhlelo zokuguquguquka kwamandla agesi oluzothatha u-155 billion kantu lokhu kuzosiza izwe ukuthi lifudukele ekusebenziseni ikhabhoni ephansi.
Sekunezinyanga manje kunemibiko yokuthi uMantashe nguyena oyisithiyo esikhulu ekukhishweni kwemithombo yamandla avuselelekayo.
Konke lokhu kusho ukuthi inhliziyo yakhe ayikho emithonjeni yamandla avuselelekayo futhi kufihleke emithonjeni yezokuxhumana ephazamisa isixazululo sesikhathi eside sokushoda kukagesi ezweni.
Kodwa uveze imibono yakhe ngesikhathi ekhuluma ku-Africa Energy Indaba ngo-2023. Unxuse amazwe ase-Afrika ukuthi angazithobi ukuthi ayalelwe amazwe ase-Europe uma ethatha isinqumo ngezixazululo zamandla emazweni awo.
“Sengiphetha, kumele sizikhumbuze ukuthi i-European Union yathatha isinqumo nge-Uganda, sokuthi akumele izenzele uwoyela uwoyela.
“Kodwa akuyona i-Uganda eyathatha isinqumo kwaba i-Europe ethatha leso sinqumo.
“Kuyisinqumo esifanayo nesokuthi kumele siyeke amalahle. Akusona isixazululo sethu.
“Kuyisixazululo sezomnotho. Ama-agent (izishoshovu ze-Greenpeace) asitshele lokho. Futhi kumele simelane nakho ngakho konke esinakho,” kusho uMantashe.
UMantashe ophinde waqokwa kabusha njengoSihlalo kazwelonke weqembu elibusayo ubekhuluma ngesinqumo sakamuva se-ANC sikaMengameli uCyril Ramaphosa.
Abantu bakuleli balahlekelwa ugesi phakathi kwamahora ayisishiyagalombili nangu-12 nsuku zonke ngenxa yokuthi iziteshi zikagesi ezigugayo zakwa-Eskom ezibaswa ngamalahle zivame ukubhidlika futhi azikwazi nhlobo ukuhlinzeka ugesi okungenani ongu-30 000 MW odingekayo ukuze izwe lithuthuke ekuvuseleleni umnotho.
Ukucinywa kukagesi manje kudla umnotho imali cishe engu-R1 billion ngosuku, kanti i-Nedbank yona ilinganisela ukuthi abantu abajwayelekile bakuleli bathole imali engaphezu kuka-R1.2 billion ukuze bavikele amakhaya abo ezinsukwini ezingaphezu kuka-200 zokucisha kukagesi ngonyaka odlule.
Isithombe esingenhla: Izishoshovu ze-Greenpeace zibhikishela “inkolelo yamalahle noNgqongqoshe uGwede Mantashe
Umthombo wesithombe: Twitter