Elakuleli alilibonanga elidlalayo kwiNgilandi

Razeen Gutta

Ama-runs ayikhulu ka-Emma Lamb asize abesifazane baseNgilandi ukuthi bawine kwi-ODI yabo yokuqala bedlala namaProteas e-Northampton.

Uma singakhulumi ngomdlalo wabo abawudlale ngokulingana e-Taunton, la maqembu womabili ahlangane engxenyeni yesibili yochungechunge lwawo olunefomethi ehlukene kanye neyokuqala kuma-ODI amathathu alandelanayo.

Elakuleli liwine i-tos uSune Luus wakhetha ukushaya kuqala. U-Andrie Steyn ukhishwe umdlalo usanda kuqala ngenxa yokushwiba kukaKatherine Brunt, kanti uLara Goodall naye uye wakhishwa ngemuva kokuthola ama-overs amabili.

ULuus kanye noMarizanne Kapp babuyele egumbini lokushintsha ngaphandle kokwenza umnyakazo othile, ngesikhathi uNatalie Sciver ethatha ibhola, eshiya amaProteas eku-73/4 phakathi nama-innings awo.

UChloe Tyron uhlenge amaProteas ngokushaya u-88 emabholeni angu-73, eshaya amane kwayishumi kanye nayisithupha kwamathathu kulo mdlalo.

Ama-innings kaTyron asize iqembu ukuthi lifinyelele ku-218 ngaphambi kokuthi bakhishwe kuma-overs angu-48.

Ngemuva kwewikhethi yokuqala eholele ekutheni uTammy Beaumont aphuma nge-run eyodwa nje kuphela, osokhaya bevele benza umsebenzi waba lula.

ULamb, edlala kwi-ODI yakhe yesithathu nje kuphela, ubehola phambili – ngokushaya ama-overs angu-30 kwangu-32 wenze ukuthi iNgilandi iphokophelele kuma-runs angu-219 ebiwadinga.

Lo mdlali (24), udlale ngokuzimisela okukhulu – wafinyelela kuma-runs ayikhulu ngesikhathi ehlanganisa amane kwangu-15 ngezinga lika-105.

USciver umjoyine emgqeni omhlophe ngesikhathi sama-overs amaphakathi ukwengeza emdlalweni wakhe omuhle. Lo mdlali odlala kahle kakhulu ushaye u-55 emabholeni angu-36 ngaphambi kokuthi uHeather Knight (20) kanye no-Danielle Wyatt (14) bafike bezofaka isipikili sokugcina.

La maqembu amabili azophinde abhekane ngoLwesihlanu ntambama kanti elakuleli lifuna ukulinganisa uchungechunge ngaphambi kwe-ODI yokugcina ngoMsombuluko.

Izihloko zakamuva