‘Elakuleli alikakakulungeli ukuba nohulumeni wobumbano’ 

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu e-Gauteng uMzikayifani Khumalo ukhathazekile ngoqhekeko kuhulumeni wobumbano e-Gauteng futhi uthi izwe alikakakulungeli ukuba nomfelandawonye kazwelonke.

Ukhulume ne-Scrolla.Africa ngesikhathi evakashele e-Kurhuleni ngoLwesine ukuyozibonela mathupha ukukhethwa kwemeya entsha emhlanganweni womkhandlu.

Umhlangano ubambezeleke ngamahora amane ngesikhathi abaholi bamaqembu bezivalele ngaphakathi bexoxisana ngemibandela yomfelandawonye.

Mayelana nokuphathelene nepolitiki, indawo yase-Kurhuleni isibe nezimeya ezintathu kusukela okhethweni lwango-2021 kanti umuntu emunye ubenikezwa unyaka esikhundleni ngaphambi kokuba akhishwe.

UNkosidiphile Xhakaza we-ANC uqokwe ngaphandle kokuphikiswa njengemeya yesithathu ngoLwesine futhi ufunge wagomela ukuthi uzosebenzisana nezinhlaka eziningi emkhandlwini ukuletha uzinzo kumasipala okhungethwe yizinkinga.

Ukuhlinzekwa kwezidingongqangi kanye nokusebenza komasipala basekhaya esifundazweni sekuntekenteke selokhu kwaqala ohulumeni bemfelandawonye.

UKhumalo uthe: “INingizimu Afrika ayikakakulungeli ukuba nohulumeni wobumbano. Kudingeka ukuvuthwa okukhulu ukuphatha uhulumeni wobumbano. Ngiyazi ukuthi abantu bakholwa wukuthi kuyenzeka uma kuqhathaniswa nempumelelo yamazwe asethuthukile, kodwa siseyizwe elisathuthuka.

“Ziningi izinto okusamele zicutshungulwe ukuze kulungiswe imifelandawonye. Okwamanje asikavuthwa njengezwe ukuthi sibe nohulumeni wobumbano.”

UKhumalo uthe, ezingeni likazwelonke, iPhini likaMengameli, uMnuz Paul Mashatile uqale lolu hlelo ngokubamba umhlangano wokudingida udaba lokungasungulwa kukahulumeni wobumbano.

“Ngeshwa, amaqembu amaningi ezepolitiki awazange asibone isidingo sokuzibandakanya nalokho,” kusho uKhumalo.

“Maningi amaqembu amancane abephazamisa ngoba ziningi izinto abezichitha. Ngicabanga ukuthi abantu bebethemba ukuthi lena ngenye indlela yokuthola amandla.”

UKhumalo uthe uhulumeni wobumbano ongcolile yilokhu esikubona kwenzeka njengamanje emadolobheni amakhulu ase-Gauteng.

“Kufanele sizikhethele ukuthi sifuna ukudlala ipolitiki noma sisebenzele imiphakathi yethu,” usho kanje.

Esithombeni ngenhla: UMzikayifani Khumalo, uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu e-Gauteng

Umthombo wesithombe: Doreen Mokgolo

Izihloko zakamuva