Elabesifazane lase-Zambia lihlungele eyoMhlaba

Menzi Magubane

Ibhola labesifazane lase-Zambia linyukela phezulu ngesivinini esikhulu.

NgoMgqibelo ebusuku i-Green Buffaloes ihlule elabesifazane leMamelodi Sundowns yaqopha umlando e-Afrika nakwizinga lomhlaba esikhathini esingaphansi kwenyanga.

I-Buffaloes ihlule iSundowns ngo 6-5 sekukhahlelwa amaphenathi ukuze ibe ngompetha be-Cosafa Cup bakulo nyaka enkundleni yezemidlalo i-Sugar Ray Xulu, eThekwini.

Lesi bekuyisicoco sokuqala se-Buffaloes ngaphandle kwase-Zambia kanti manje isikwazile ukungena kwi-CAF Champions League yalo nyaka ezoba e-Morocco.

Ukuhlula kwayo iSundowns kube ukuziphindiselela okumnandi kwaleli qembu lase-Zambia ngemuva kokwehlulwa kowandulela owamanqamu we-Cosafa Cup nyakenye lapho elaphucwa khona indawo kwi-Champions League yabesifazane.

Manje sebeyiqembu lokuqala lase-Zambia ukungena emqhudelwaneni wezwekazi.

Mayelana neSundowns, ukuhlulwa akuwavalanga amathuba ayo okuvikela isicoco se-Champions League – ngoba vele ihlungele lo mqhudelwano njengompetha.

Kodwa-ke ukuwina kwe-Buffaloes kuzothakaselwa kakhulu ngabasekeli bayo.

NgoNtulikazi iqembu lesizwe labesifazane lase-Zambia lingene okokuqala ngqa kwiNdebe yoMhlaba ye-Fifa yabeSifazane. Lo mqhudelwano uzosingathwa ngokuhlanganyela i-Australia kanye ne-New Zealand ngonyaka ozayo.

I-Zambia yakhishwa kweyomkhumulajezi we-Women’s Africa Cup of Nations ebise-Morocco.

Amaqembu amane abekweyomkhumulajezi azibekisele indawo kwiNdebe yoMhlaba kanye namanye amabili obekumele adlulele kuma-play-offs ukuze akwazi ukuhlungela ukudlala.

Amaqembu amahlanu asele azojoyina i-Zambia i-Senegal, iBanyana Banyana, i-Morocco, i-Cameroon kanye ne-Nigeria.

Umthombo wesithombe: @TheNamibian

Izihloko zakamuva