Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
Ilungu lekomiti lemeya lezezimali elisanda kuqokwa Ekurhuleni, uJongizizwe Dlabathi, uhlela ukuvuselela kabusha izimali zedolobha ngokwakha isiko lokukhokhela izinsiza zikamasipala kubahlali.
UDlabathi ukhulume ngokubaluleka kokukhokhela izidingongqangi wakuqhathanisa njengezakhamizi ezikhokhela izinto eziphambili njengezinsiza ze-DStv nyanga zonke.
UDlabathi ukhulume nabezindaba e-Germiston ngoLwesithathu futhi waveza izinhlelo zakhe zokuthuthukisa isimo sezimali sikamasipala.
Uthe isamba semali engenayo yedolobha ngo-2024/25 kulindeleke ukuthi sibe ngu-R60.67-billion – okuwukwenyuka kwesabelomali esibuyekeziwe sisuka ku-R55.56-billion ngo-2023/24.
Lokhu kukhula kuzokweseka izinhlelo zentuthuko futhi kuqinisekise ukulethwa kwezinsiza ezisezingeni, usho kanje.
“Lokhu kubalwa kukho ukutshalwa kwezimali kwingqalasizinda, izinsiza zezenhlalakahle kanye nokuthuthukiswa komphakathi. Naphezu kwalokhu, silindele imali engaphezulu kuka-R601.9-million.”
UDlabathi, oyikhansela le-ANC, uqokwe ngoLwesihlanu olwedlule. Lowo owayengu-MMC wezezimali, uNkululeko Dunga, ongusihlalo we-EFF e-Gauteng, ukhishwe kulesi sikhundla ngenyanga edlule.
IMeya ye-ANC, uMnuz Nkosindiphile Xhakaza, ithe uDunga ukhishwe esikhundleni ngenxa yokungenzi kahle.
“Ngesikhathi singena ezikhundleni siveze ukuthi bonke abango-MMC bazokhishwa uma behluleka ukwenza kahle, kungakhathalekile ukuthi bangobani noma bamele liphi iqembu. UDunga uhlulekile ukuhambela imihlangano ebalulekile nokuhlanganisa amanye ama-IDP [izinhlelo zentuthuko ezididiyelwe], nokukhiphela ngaphandle amawadi athile,” usho kanje.
UXhakaza uthe uma umkhandlu wehluleka ukugunyaza isabelomali sikamasipala kanye nezinselelo zezimali ezilethwe umfelandawonye oholwa yi-DA, abangakwazanga ukuzilungisa ngesikhathi kusaphethe lowo owayeyiMeya uMnuz Sivuyile Ngodwane, kuzosiza ngani ukuba nemeya entsha?
“Isabelomali sachithwa wumkhandlu kabili ngaphambi kokuthi siphasiswe emhlanganweni wesithathu. Uma singakwazi ukushintsha isabelomali, kusizani ukuba nemeya entsha?” Kubuza uXhakaza.
Osesithombeni ngenhla: Imeya yesigungu uNkosindiphile Xhakaza kanye no-MMC wezeziMali uJongizizwe Dlabathi.
Umthombo: Sithunyelwe