Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Ekugcineni isizwe sa-Bakgatla Ba Mosetlha e-North West sizobona ukugcotshwa kweSilo saso ngemuva kweminyaka eyisishiyagalolunye sahlala esihlalweni sobukhosi.
UKgosi Nchaupe III bekufanele agcotshwe ngo-2015 kodwa kwakudingeka ukuthi enze amasiko endabuko ayimpoqo.
Okhulumela iNdlunkulu uLencoe Makapane Makapane utshele i-Scrolla.Africa ukuthi uKgosi Nchaupe III kwakufanele athathe isihlalo sobukhosi ngokusemthethweni ngemuva kokukhothama kukayise uKgosi Tau Makapane ngeminyaka yango-1980 kodwa wayemncane.
“UKgosi Nchaupe III ubelokhu eyiSilo kusukela kwakhothama uyise ngasekupheleni kweminyaka yango-1980, kodwa ngenxa yokuthi wayeyingane ubabomncane wakhe uKgosi Motshegwa wahola isizwe njengebamba esikhundleni sakhe. UKgosi Motshegwa wakhothama ngoZibandlela ngo-2014 kwase kuqokwa uKgosi UNchaupe III kulesi sihlalo,” esho.
Mhla ziyishumi kuNhlaba ngo-2015 isikhundla sikaNchaupe samenyezelwa ngokusemthethweni, kanti iSilo sanikezwa isitifiketi sokuhlonishwa uNdunankulu wase-North West kanye nosihlalo wesifundazwe uKgosi Zibi.
UMakapane uthe uNchaupe waqala ukuhola lesi sizwe kusukela ngo-2015 kodwa ubeqedela amanye amasiko obekumele awenze. Manje njengoba amasiko eseqediwe uzokwethulwa ngokusemthethweni esizweni nasemhlabeni wonke ngomhlaka-25 kuNdasa.
ISilo sazalwa mhla ziyisithupha kuNtulikazi ngo-1983 kanti uyizinyane lesithupha likaKgosi uTau Makapane. Waphothula iziqu zakhe zikamatikuletsheni ngo-1999 waqhubeka nokufunda wathola izitifiketi eziningi zikazwelonke zezifundo zobuchwepheshe e-Pretoria West Technical College kusukela ngo-2002 kuya ku-2008.
Uke waqashwa enkampanini yamaloli i-Man, e-Rosslyn engumabhalane endaweni yokugcina izinto kwaze kwaba ngo-2015 lapho abizwa khona ukuthi azohola isizwe sa-Bakgatla Ba Mosetlha njengeSilo.
Ngaphandle kokuba iSilo sa-Bakgatla Ba Mosetlha uNchaupe ungumlimi onemihlambi yezinkomo kanti izibaya zakhe zinezinkomo ezingaphezu kuka-5 000 kanye nensimu enkulu yemifino.
Minyaka yonke unikela ngezinkomo ezinhlanganweni ezahlukene ezigodini kanye nasehhovisi lezizwe njalo uma benemicimbi yomphakathi, isibonelo emcimbini i-Bakgatla ba Mosetlha Cultural Day, uMgubho woNyaka we-Ditrupa kanye nasemcimbini we-National Science Week endaweni yakhe kanye nasezindaweni ezingomakhelwane.
Imifino eminingi etshalwa ensimini yakhe kunikelwa ngayo emicimbini eyahlukene ezindaweni zasemakhaya kusukela emcimbini woSuku lokuVikelwa kweZingane kuya emcimbini we-Trees for School Fees.
Esithombeni esingenhla: UKgosi Nchaupe III
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe