Lubhalwe nguLinda Ximba
Abadlali abahlanu abazalelwa e-Limpopo beBanyana Banyana sebekhokhelwe u-R100,000 uMnyango wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko esifundazweni sase-Limpopo.
ULebogang Ramalepe, uNoko Matlou, u-Amogelang Motau, uHilda Magaia kanye noNomvula Kgoale bebethenjiswe amabhonasi ngowayenguNgqongqoshe wezeMidlalo uThandi Moraka.
Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi laba badlali bafike kuleli bevela e-Morocco ngemuva kokuba ompetha base-Afrika kwi-Women’s Africa Cup of Nations (Wafcon).
UMagaia owashaya amagoli amabili kowamanqamu we-Wafcon bebhekene ne-Morocco ukuqinisekisile ukuthi sebekhokheliwe.
“Phezu kuka-R100,000 siphinde sathola u-R2,000 umuntu ngamunye ophuma kwinhlangano yosomabhizinisi besifazane,” esho.
“Besikhathazekile ngesikhathi kungekho ukuxhumana okuvela eMnyangweni kodwa sibonga ukuthi benze okufanele. Sisebenze kanzima ukubeka izwe lethu ebalazweni lomhlaba wonke kwi-Wafcon.”
Lo mdlali (28) odlalela i-Sejong Sportstoto e-South Korea wengeze wathi: “Sisijabulele isikhuthazo esengeziwe futhi kumele ngivume ukuthi asikholwanga ukuthi inhlangano yosomabhizinisi besifazane iyibonile imizamo yethu.”
Ngesikhathi uMnyango uziphendulela, umphathi wezokuxhumana uKenny Mathivha uthe ukubambezeleka kokukhokha bekusohlangothini lwabo kodwa udaba “lusabhekisiswa.”
UMathivha akatholakalanga ukuba aphawule ngokushesha ukuze aqinisekise ukuthi sebelulungisile lolu daba.
Esithombeni esingenhla: Abadlali beBanyana Banyana
Umthombo wesithombe: Safa.net