Celani Sikhakhane
INhlangano yalowo owayengumengameli uJacob Zuma igxeka umbiko wokugcina weKhomishini kaZondo, njengoba iwubiza ngehlazo nethuluzi lokuhleba elisetshenziswe ukungcwaba ihlazo le-Phala Phala Farmgate.
Engxoxweni abe nayo ne-Scrolla.Africa, okhulumela inhlangano kaJG Zuma uMzwanele Manyi uthe lo mbiko ubonakala unomsebenzi ocacile wokuthi uqonde lowo owayengumphathi wezinhloli u-Arthur Fraser ngokudalula ihlazo lepulazi i-Phala Phala lemali engu-R60 million ($4 million).
“Umbiko uveza uhlangothi olulodwa futhi ubonakala uchema neqembu elithile.
“Yingakho sikholwa wukuthi lo mbiko uyihlazo futhi ugcwele inhlebo efuna ukudicilela phansi isithunzi sabantu abathile nokungcwaba ihlazo lase-Phala Phala,” kusho uManyi.
Utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ithimba labammeli benhlangano limatasa licwaninga lo mbiko ukuze lishicilele impendulo ebanzi.
Kodwa uthe kuyakhathaza ukuthi uFraser akazange anikwe ithuba lokuphendula ngesikhathi kuhleli ikhomishini, phezu kokuba esezame izinsuku ezine ecela ukuzochaza ukuze akwazi ukuveza uhlangothi lwakhe ngodaba lwezimali ze-State Security Agency.
Lo mbiko ucasule noNobhala we-ANC eKZN uMdumiseni Ntuli ochaze uMphathi wamaJaji uRaymond Zondo njengomuntu ongalawuleki.
“Unendlela engaqondakali yokuziphatha. Uphinde waba negalelo elikhulu enkingeni eholele ekutheni kulahleke imiphefumulo eminingi ngoNtulikazi,” kusho uNtuli.
Embikweni wakhe uZondo uphakamise ukuthi oKlebe bavule kabusha uphenyo lwabo ngoFraser ngokuqhuba umsebenzi wobunhloli ongekho ezincwadini obizwa nge-Principal Agents Network (i-PAN).
Namanje imali engu-R125 million ayaziwa ukuthi iyekuphi kanti uFraser kumele abekwe icala uma kuqoqwa ubufakazi obanele, kusho uZondo.