EGoli bakhala ngokushoda kwezicishamlilo

Everson Luhanga

Abezimo eziphuthumayo bezicishamlilo eGoli basenkingeni enkulu.

Ziyashoda izimoto ezicisha umlilo kanti ezinye ezikhona kuthiwa azikho esimweni esihle futhi zidinga ukuxilongwa.

Engxoxweni abe nayo ne-Scrolla.Africa okhulumela i-EMS uRobert Mulaudzi ukuqinisekisile ukuthi uMasipala wedolobha unezicishamlilo ezingu-15 kuphela kanye neziteshi zokucima umlilo ezingu-30. Ziqhelelene ngo-5km zonke.

UMulaudzi uthe kwesinye isikhathi iGoli lithembela ekutholeni usizo koMasipala abangomakhelwane  njenge-Tshwane kanye ne-Ekurhuleni kuya ngebanga lesigameko esibikiwe.

“I-Soweto yonke inemoto yesicishamlilo eyodwa kanti kwesinye isikhathi kuba nzima ukubhekana nezigameko zomlilo uma kwenzeka izigameko ezifuze lezi zenzeke kanyekanye.”

UMulaudzi uthe idolobha bekumele lithole ezinye izimoto zokucima umlilo ezingu-30 nyakenye, kodwa usonkontileka obekufanele enze lo msebenzi wasihoxisa isivumelwano.

“Kumanje sinethemba lokuthi uhlelo olukhona lokuthola izimoto eziningi ezihlanganisa nezicishamlilo luzohamba kahle kanti uma kunjalo silindele ukuthi ngonyaka ozayo sibe nezimoto ngoNhlangulana.”

Khonamanjalo abe-EMS bebelokhu bethola izingcingo eziningi zokuthi basize ukulwa nemililo ngenxa yokucishwa kukagesi. “Ngenxa yokuthi abantu basebumnyameni bajwayele ukusebenzisa izinto zokukhanyisa ezingaphephile kwesinye isikhathi zishiywe zinganakiwe.

“Ezinye izigameko zidalwa uma ugesi ubuya ngamandla kagesi kwesinye isikhathi ucekele phansi impahla noma udale umlilo ezindaweni ezihlala abantu sithwele kanzima.”

Izihloko zakamuva