EBESIBATHANDA BASILAHLEKELA: SINDISIWE VAN ZYL (1976 –2021)

Lwazi Nongauza

Cishe iminyaka engamashumi amabili, uDkt Sindisiwe van Zyl uchithe impilo yakhe eyisishoshovu esinamandla sokulwa negciwane lesandulela ngculaza, esindisa izimpilo njengodokotela, engumhlaziyi wezokusakaza kwezokwelapha kanye nomlobi wephephabhuku.

Ngenxa yomsebenzi wakhe ezinkundleni zokuxhumana nakwi-Kaya FM, umsebenzi wakhe ubusufinyelele kuzigidi ezweni lonke.

Ku-Twitter, ubefundisa futhi ekhuluma ngesandulela ngculaza ikakhulukazi mayelana nokuvikela ukudluliselwa kwegciwane lisuka kumama liya enganeni – futhi zonke izeluleko zezokwelapha ubezinikeza mahhala.

Esitatimendeni, umndeni kaVan Zyl uthe ushone ngoMgqibelo ekuseni ngenxa yokugula okuphathelene ne-Covid-19.

Lowo owayenguMvikeli woMphakathi, u-Advocate uThuli Madonsela uthe ezinkundleni zokuxhumana: “Kunzima ukukholwa ukuthi uDkt Sindi akasekho emhlabeni kanjalo nje.”

Ube esedlulisa amazwi enduduzo emndenini wakhe, kubangani, kozakwabo kanye nakubalandeli.

Omunye obhonge emswaneni uMiss Universe, uZozibini Tunzi othe kubukeka sengathi wonke umuntu ubemazi uDkt Sindi.

“Indlela esizizwa ngayo sengathi silahlekelwe  umuntu esimthandayo futhi osendelene nathi itshengisa uhlobo lomuntu abeyilo,” kusho uZozi.

“Uyibekile induku ebandla.”

Umculi uLady Zamar uthe uDkt Sindi ubenjengomama kwabaningi ku-Twitter.

“Angikaze ngimazi mathupha kodwa impilo yakhe ibe nomthelela kweyami. Ubeyisibusiso kuwo wonke umuntu obexhumana naye empilweni nangezinkundla zokuxhumana.’’

UDkt Sindi obeneminyaka engama-45, ushiye umyeni wakhe uMartinus van Zyl namadodakazi amabili, uNandi kanye noManie van Zyl. Imininingwane yesikhumbuzo kanye nomngcwabo wakhe izoqinisekiswa ngokuhamba kwesikhathi.

Izihloko zakamuva