EBESIBATHANDA BASILAHLEKELA: Sikhumbula USteven Mokwalakwala Sefofa (1962-2021)

Elmon Tshikhudo

Usomabhizinisi wase-Limpopo ophinde abe ngumkhankaseli we-ANC owaziwayo uSteven Sefofa uchazwe njengomuntu obenza konke, njengoba engena kwezamabhizinisi, kwezokungcebeleka nakwezombusazwe.

USefofa, obedume ngelikaMalo A Botsheba emibuthanweni yomculo, udlule emhlabeni ngemuva kokuhlushwa yizinkinga zokhuvethe e-Tzaneen Mediclinic ngoLwesibili ebusuku.

USefofa uzalelwe e-Bolobedu, esigodini sase-Mohlabaneng, kuMasipala wase-Greater Letaba. Ufunde e-Lebaka Primary School nase-Masopa High School.

Impilo yakhe ibigcwele izimanga.

Ngowezi-2006, ngemuva kokuba ngumculi osephumelele futhi engumnikazi wamatekisi, wabuyela esikoleni waqeda umatikuletsheni.

Ngowezi-2015, wamangaza izwe ngesikhathi ethenga amaveni namatekisi amaningi, ayesetshenziselwa imikhankaso yokhetho ye-ANC. Izimoto zonke zazinemibala ye-ANC.

Ngemuva kwalokho, ngowezi-2018, lo mculi wahlangabezana nezikhathi ezinzima. Wanxusa umphakathi ukuthi umusize ukukhokhela izimoto kancane kancane. USefofa waziphikisa kakhulu izinsolo zokuthi walimaza ngamabomu amaveni amathathu, ngenhloso yokucasula usherifu owayezothatha izimoto.

Ekuqaleni konyaka, uxabane noNgqongqoshe wezokuThutha uFikile Mbalula bebanga ukufaka kwakhe uphawu kumatekisi akhe izithombe zabaholi be-ANC abaphoxile u-Ace Magashule noDanny Msiza, ngemuva kokuphoqeleka ukuba bashiye phansi inhlangano yabo. Lezi zimoto nazo bezipendwe ngemibala ye-ANC. Ngokuhamba kwesikhathi wagcine ezinikele kwingcindezi wasusa uphawu.

Ubengumkhankasi wokuqina we-ANC, nokweseka kwakhe uZuma bekungeyona imfihlo. Wake wafunga ukuthi akekho omunye umuntu ngaphandle kukaNkulunkulu ozosusa uZuma njengomengameli.

Umndeni uphatheke kabi ngokudlula kwakhe emhlabeni, kusho okhulumela lo mndeni uPeter Monaiwa.

“USefofa ubeyisishoshovu samasiko ebesicula izingoma zakhe nge-Khelobedu, akhankasele zona ukuthi zamukeleke njengolimi olusemthethweni,” kusho yena.

“Njengomndeni sizomkhumbula njengomuntu obengenabugovu, ehlakaniphile futhi ethobekile obesinakekela ngokwezimali nangokozwelo njalo uma sihlangabezana nobunzima,” kusho yena.

Ushiye emhlabeni unina, unkosikazi, izingane ezintathu nomfowabo omncane.

Uzofihlwa esigodini sangakubo ngeSonto.

Izihloko zakamuva