Celani Sikhakhane
Owayeyilungu lephalamende le-EFF, uPhillip Mhlongo, waba ngomunye wabokuqala ukuphumela obala ngokweseka uMnumzane uThabo Mbeki ngesikhathi kunomdonsiswano owachitha igazi KwaZulu-Natali ngaphambi kwengqungquthela yokukhetha ubuholi be-ANC ngonyaka wezi-2007.
Wathatha leso sibindi sokuma nomfowabo uSiyanda Mhlongo ngesikhathi esiyingozi esifundazweni esasigcwele abalandeli bakaMnumzane uJacob Zuma.
Ngaleso sikhathi iningi lamalungu nabaholi be-ANC lalingahambisani nakancane nokuthi uMbeki athathe ihlandla lesithathu njengoMengameli we-ANC futhi wahlulwa nguZuma engqungqutheleni.
UMhlongo udlule emhlabeni ngoLwesibili emzini wakhe eThekwini ngemuva kokugula isikhathi eside.
Ngemuva kokuhlulwa kukaMbeki e-Polokwane, uMhlongo namanye amalungu amaningi aqavile e-ANC ashiya ajoyina i-Congress of the People eyasungulwa nguMosioua Lekota noMbhazima Shilowa ngonyaka wezi-2008.
Ngonyaka wezi-2013 uMhlongo wajoyina i-EFF wabe esebekwa ukuthi abe ilungu lephalamende.
Ubedume kabi ngamazwi akhe ephalamende amelene ne-ANC kanye ne-DA.
Ngonyaka wezi-2019 akazange abuyiselwe ephalamende ngenxa yokuthi ubuholi be-EFF bambeka kunombolo yama-49 ohlwini.
Umyalelo wokuthi akhishwe kuthiwa waqhamuka ngemuva kokungaboni ngaso linye nobuholi obuphezulu beqembu.
Kodwa kwenye yezingxoxo uMhlongo waveza ukuthi ngemuva kwalowo myalelo kwakumele agcine imithetho yobuholi bakhe wawemukela.
USihlalo waKwaZulu-Natali, uMnumzane uVusi Khoza, uthe “Sisahleli nomndeni ukuze sithole eminye imininingwane ngokudlula kwakhe emhlabeni, engingakutshela khona manje ukuthi udlule emhlabeni esekhaya ngoLwesibili ntambama,” kusho uKhoza.