EBESIBATHANDA BASILAHLEKELA: 1999 – 2021

Impilo ka-Anele ‘Nelli’ Tembe

Sizwe Sibiya

“Ubengowesifazane obesemusha ovelele futhi enesiphiwo.”

Yileyo ndlela u-Anele Tembe, ingoduso yomrepha uKiernan “AKA” Forbes achazwe ngayo ngamalungu omndeni, esitatimendeni esihlanganyelwe esikhishwe umndeni wakwaForbes nowakwaTembe ngemuva kokudlula kwakhe kungazelelwe ngeSonto, mhla zi-11 ku-Mbasa kowe-2021.

UNelli, owazalwa ngowe-1999 ebaziwa “njengowesifazane othandekayo, indodakazi, udade kanye nomalokazana,” kusho umndeni wakhe.

Kuncane obekwaziwa esidlangalaleni ngaye ngaphandle kokuthi ubeyindodakazi kasomabhizinisi waseThekwini uMoses Tembe nokuthi “kuningi abekufisa empilweni”.

Ufunde e-Durban Girls College ehlonishwa kakhulu.

Phakathi kowe-2018 nowe-2019 wabhalisa e-Jackie Cameron School of Food & Wine eKapa, ​​ukuze “enze izifundo zokupheka izinyanga eziyishumi nesishiyagalombili,” okuyinto isikole eyase iyimemezele ngenjabulo kuwebhusayithi yabo.

Bangeze ukuthi intuthuko yakhe “ibimangalisa.”

“U-Anele usekhulile, futhi simbona esekhula eba ngumpheki onekhono,” kubhala isikole ngoZibandlela ngowe-2018.”

Ngemuva kokuchazwa yisikole njengomuntu onolimi oluhle ekunambitheni ukudla, umndeni wakhe wengeze ngokuthi “ubenomoya omuhle futhi ehlala enakekela labo abaseduze kwakhe.”

U-AKA, “ongaduduzeki” selokhu adlula emhlabeni, waqala ukwabelane ngezithombe zakhe ezinkundleni zokuxhumana, ngemuva kokuvela kwevidiyo yezithandani ku-Twitter ngoMasingana ngowe-2020.

U-AKA noNelli bathembisana umshado ngoNhlolanja. Lo mrepha waziqinisekisa lezi zindaba ngokuthumela isithombe sesandla sakhe kuvela indandatho yomshado.

I-News24 ibike ukuthi lesi sigameko esibuhlungu kuthiwa senzeke ngabo-7: 30 ngeSonto ekuseni ngokusho kwemenenja ye-Pepper Club Hotel Elfi Ella, eKapa.

UNelli kubikwa ukuthi uwe esuka esitezi se-10 ebhilidini lehhotela, futhi ushone ngemuva nje kokuthi abezimo eziphuthumayo bezame ukumvusa.

Umthombo wesithombe: Karen E Photography / jackiecameroon.co.za