EBESIBATHANDA ASEBESILAHLEKELE : Tina Turner (1939-2023)

Lubhalwe ngumbhali weStaff

UTina Turner obaziwa ngelika-Anna Mae Bullock wayeyintombazane emnyama ephuma emndenini ompofu endaweni yasemaphandleni e-Nutbush e-Tennessee, eMelika.

Kodwa alizange licashe ikhono lakhe futhi ngasekuqaleni konyaka wango-1960 wahlangana nowesilisa owayezoba umyeni wakhe, u-Ike Turner ukuze bacule izingoma ezimnandi ezifana ne-River Deep, i-Mountain High okwaba ingoma enkulu kunazo zonke ye-rock and roll.

Uma lo mculi ezongena esiteji wayebizwa ngendlela ehlukile umbhali we-rock uNik Cohn, wayevele athi-Awopbopaloobop Alopbamboom abalandeli base bazi ukuthi kuzongena uTina Turner kwi-club yase-London ngeminyaka yama-‘60s.

“Ubengowesifazane onezinwele ezinde ezigqiba umhlane wakhe nobuso bakhe obuhle.

“Njalo uma ecula u-Ike Turner, umyeni wakhe wayesuke edlala isiginci ngemuva kwakhe ebukeka enesizotha, ehlanzekile enamehlo aluhlaza.

“Ngangimi ngaphansi kwesiteji.

“Ngakho-ke, uTina waqala ukucula ngamandla umzuzu nomzuzu kwathi kungazelelwe wagxumela kumina edansa ebusweni bami.

“Ngavuka ngamandla njengomuntu ozama ukuzivikela, bonke babemi kulayini wokuqala kanti oyedwa uzowa saminyana sonke phansi wawungabona sizabalaza sigingqika njengenhlanzi ebhakedeni.”

“Ngesikhathi ngivusa amehlo, uTina wayesadansa enyakazisa isinqe sakhe esibuka ngenye indlela.

“Indlela ayenza ngayo yayithusa kanti wayesebenzisa ukudansa kwakhe ukudonsa amehlo abantu.

“Wayengowesifazane ohlakaniphile isikhumba sakhe sishelela, nezinwele zakhe ezinde namazinyo akhe awuthotho.”

UTina no-Ike babethandana ngeminyaka yango-‘1960s nasekuqaleni kweminyaka yango-‘1970s. Kodwa wahlukana naye ecaleni elasabalala kakhulu lokuhlukumezeka emshadweni.

Encwadini yakhe ye-autobiography yango-2018 uTurner uchaze imizamo ka-Ike yokumlawula, ngokwezomnotho nangokwengqondo ngaphambi kokuba akwazi ukumshiya.

Ngemuva kwesehlukaniso ngo-1978 wasala engenalutho ngaphandle kwamalungelo egama lakhe lasesiteji. Iminyaka embalwa wayengaculi, kodwa wabuya waba omunye wabaculi abahamba phambili ngeminyaka yango-1980s nge-albhamu ethi-Private Dancer waphinde wavakashela amazwe.

Ushiye phansi ukuhamba amazwe ngamazwe ngo-2009.

NgoLwesithathu ngemuva kokugula isikhathi eside, umculi we-Rock ‘n Roll ushone ngokuthula emzini wakhe e-Switzerland. “Ngaye, umhlaba ulahlekelwe ingwazi yomculi oyisibonelo esihle,” kusho umndeni wakhe esitatimendeni.

Futhi lokho kuwukubukelwa phansi.

Izihloko zakamuva