EBESIBATHANDA ASEBESILAHLEKELE Sikhumbula ugogo uPiliso (1903 – 2022)

Zukile Majova

Kuthiwa umphakathi wasesigodini sase-Qwidlana, KwaBhaca, e-Eastern Cape bekumele uzilele ukudlula emhlabeni kwesithandwa sawo, uNksz Nomamelika Emy Piliso (119). Kunalokho ubungaze impilo ayiphile ngokugcwele.

Bonke abantu kulo lonke elakuleli kufanele bagubhe uMama njengeqhawe, ngemuva kokuba ngumuntu omdala kunabo bonke emhlabeni ukugomela i-Covid-19 nyakenye, eneminyaka engu-118.

Ngesikhathi sokungabaza ukugoma endaweni yangakubo – esigcemeni sesi-23 e-Mt Frere nasesifundeni nje jikelele – uMama uPiliso ube ngowokuqala emphakathini wangakubo ukwamukela lo mgomo.

Ngaleso sikhathi amalungu omphakathi ayesaba igciwane le-corona esaba nokugoma ngenxa yezindaba ezingamanga.

Abanye babethi imithi yokugoma iqukethe i-microchip ezosetshenziselwa ukulandelela nokulawula abantu.

UMama uPiliso, obenguKristu ozinikele, wayichitha esidlangalaleni inkololezo yokuthi imithi yokugoma inophawu lukasathane i- 666 njengoba kushiwo eBhayibhelini.

Lezi zinkololezo bezisabisa ngokuphazamisa uhlelo lukaMengameli uCyril Ramaphosa lokugoma u-70% wabantu onyakeni wokuqala.

Ngesikhathi imithi yokugoma itholakala kwabaneminyaka engu-70 nangaphezulu KwaBhaca, isibindi esaboniswa isakhamuzi esidala esifundeni sanqoba impi elwa nabagxeka imithi yokugoma unomphela.

Inqwaba yezaguga ezihola impesheni kuzo zonke izigodi za-KwaBhaca, e-Emaxesibeni kanye naseNtabankulu, bathutheleka ezindaweni zokugoma ngemuva kokuthi uMama uPiliso ayogoma.

IMeya kaMasipala waseMzimvubu uZukiswa Ndevu, obelokhu ethi abantu bakhe bazogoma, uthe uMama uPiliso ube negalelo elikhulu ekulweni ne-Covid-19.

“Sibhonga emswaneni nomndeni wakwaPiliso kanye nomphakathi wa-KwaBhaca wonkana. Ukuhlanganyela kwakhe ohlelweni lokugomela i-Covid-19 ngo-2021, kwathambisa izinhliziyo eziningi futhi kwashukumisa abantu abaningi ukuthi bagome. Eminyakeni yakhe, singambonga kuphela ngezinkumbulo nesikhathi esihle esisichithe naye.”

Kuthiwa umama uPiliso udlule emhlabeni ngokuthula elele. Yena nomkhwenyana wakwakhe oshone ngesonto eledlule bazofihlwa ngoLwesihlanu esigodini sase-Qwidlana esigcemeni sesi-23 KwaBhaca.

Izihloko zakamuva