Ebesibathanda asebesilahlekele: Samuel Tshabalala (1957-2022)

Linda Ximba

USamuel Tshabalala waqophela elakuleli umlando ngo-1989 ngesikhathi eba ngowokuqala omnyama ukuwina i-Comrades Marathon.

Lo msubathi owazalelwa eZamdela, eMpumalanga eminyakeni engu-65 edlule, udlule emhlabeni ngeSonto.

UTshabalala wafaka igama lakhe emabhukwini omlando ngesikhathi ewina umjaho we-Comrades emzamweni wakhe wesithathu.

Kuyo yonke le minyaka, uwine ebhekene nentandokazi uWillie Mtolo waphinde waqeda iminyaka eyisishiyagalombili kaBruce Fordyce yokuba umpetha kulo mjaho.

Abaningi bachaze ukuwina kwakhe okuyingqophamlando njengomzuzu obalulekile.

Ngemizamo yakhe wawina izindondo zesiliva ezine, okubalwa nendondo yethusi yodumo ye-Comrades Marathon Association ebongwa ngegalelo lakhe kwi-Human Race Marathon.

Owayengusihlalo we-Comrades Marathon Association (CMA) uMervyn Williams, owathola ithuba lokwamukela uTshabalala entanjeni ngemuva kokuthi lo msubathi agijime isikhathi esingu-5:35:31, uwukhumbula ngokuziqhenya lowo mzuzu.

“Ngajabula njengosihlalo we-CMA ukwamukela uSam entanjeni ngalolo suku engingasoze ngalukhohlwa ngo-1989,” kusho uWilliams.

“USam ubengumpetha wangempela futhi ubekufanele ukuhlonishwa njengoba ‘engumuntu wokuqala omnyama’ ukuwina i-Comrades Marathon. Sengathi engaphumula ngokuthula futhi ngizwelana nomndeni wakhe.”

UMtolo uthe ukuwina kukaTshabalala kwi-Comrades Marathon kuyinto ezohlala ingunaphakade kuyena.

“Ubengumuntu olungile. Sagijima umjaho omkhulu ngo-1989, sahlala singabangani abakhulu kusukela lapho. Sasixoxa ngezinto eziningi njalo uma sihlangana. Ngiyazi ukuthi ubeyingxenye yokusiza intsha endaweni yangakubo.

“USam: ubewusizo, ekhuthaza futhi enogqozi lwangempela. Ngiyohlezi ngimkhumbula.”

Izihloko zakamuva