Sizwe Sibiya
UMncedisi Baldwin Shabangu ubeyinto enkulu kubantu abaningi. Ubengumlingisi, umqondisi, umbhali wemidlalo yeshashalazi kanye nomqondisi weshashalazi.
UShabangu owazalelwa KwaMashu ngonyaka ka-1968 esemncane nomndeni wakhe baphoqeleka ukuba bahambe bayohlala elokishini elibizwa ngokuthi iKanyamazane e-Mbombela, e-Mpumalanga ngokomthetho kahulumeni wobandlululo i-Group Areas Act.
Wafunda esikoleni samabanga aphezulu e-Khalifani okuyilapho aphothula khona umatikuletsheni ngo-1986.
Kamuva wabhalisa e-Johannesburg’s Market Theatre Laboratory ngo-1995 kubika i-ArtSmart. Kulapho aqala khona ukuveza ikhono lakhe lokulingisa ebonakala phambi kwezithameli bukhoma.
Ngo-2004 ngesikhathi uShabangu ewina indondo ye-Standard Bank Young Artist watshela i-ArtSmart ukuthi uthole ulwazi olunzulu ngezobuciko e-London.
“Ngaba nenhlanhla enkulu ngokukwazi ukufunda e-Royal National Theatre Studio e-London ngo-1998,” kusho uShabangu ngesikhathi kuqhubeka ingxoxo.
Ngolwazi oluningi ekulingiseni uShabangu wayeqondisa aphinde alingise umdlalo weshashalazi owaziwayo njenge Woza Albert eyabhalwa uMbongeni Ngema noPercy Mtwa ngo-1981.
Ngeminyaka yama-90s walingisa emidlalweni efana ne-Orpheus kanye ne-Ways of Dying ngokuhamba kwesikhathi waqala nokuqondisa imidlalo efana ne-The Barbershop, i-Mooi Street Moves, kanye ne-L.A.T.E ngo-2003 ethatha ugqozi kulowo owayedume ngokwazi imidlalo yeshashalazi uGibson Kente.
Umlobi wemidlalo yeshashalazi owawina umklomelo owayenguzakwabo nomngani wakhe omkhulu uLara Foot Newton wakushayela ihlombe ukuzinikela kwakhe kuma-Standard Bank Awards ka-2004.
Ngemuva kokuwina izindondo esiteji uShabangu walingisa emafilimini afana ne-Hijack Stories kanye nenye ifilimu ethokozisayo yomzabalazo wobandlululo ka-2006 ebizwa ngokuthi-Catch A Fire.
Eminye imisebenzi ayidlalile ihlanganisa i-The Dirty Laundry, i-The Lab, i-Home Sweet Home ne-Rhythm City okuwumdlalo wakwi-ETV athola ngawo udumo futhi wawina nendondo ye-SA Film and Television Awards Best Supporting Actor in TV Soap ngokudlala indawo kaKhulekani Ngobese.
UShabangu udlule emhlabeni ngokuzuma ngeSonto ngomhlaka-25 kuNtulikazi eneminyaka engu-53 ubudala ngemuva kokuxinwa isifuba, kusho umfowabo uMthokozisi.
“UMncedisi Shabangu udlule emhlabeni izolo ebusuku sengathi umoya wakhe ungalala ngokuthula,” kumemezela umngani wakhe omkhulu nozakwabo uHamilton Dlamini odlala indawo kaBanzi emdlalweni owuchungechunge Isithembiso ku-Instagram wakhe.
“Lala ngokuthula MNCEDISI SHABANGU Dlangamandla, Mbhele oluhlaza uyiqhawe uyudlalile indima yakho lala mfowethu,” kwengeza uDlamini.
Umndeni uthe uzomemezela izinhlelo zesikhumbuzo nezomngcwabo maduze.