Ebesibathanda Asebesilahlekele: Lindani Myeni (1991-2021)

Lwazi Nongauza

Ngenkathi ontanga yakhe bedlala ibhola emigwaqeni enothuli eMpangeni enyakatho neKZN, uLindani Myeni wayedlala ibhola lombhoxo.

Wazalelwa esigodini sasemaphandleni impilo inzima, kodwa ukudlala kahle kwakhe kwaheha iso leqembu lombhoxo lama-Jaguars elizinze eThekwini.

Kodwa impilo yalo wesilisa oneminyaka engama-29 ubudala ithathwe ngemuva kokudutshulwa ngamaphoyisa aseMelika e-Honolulu ngoLwesithathu olwedlule, lapho ayehlala khona nonkosikazi wakhe uLindsey nezingane zabo ezimbili, eyodwa ineminyaka emithathu enye inezinyanga ezinhlanu.

Umalume wakhe uMusa Myeni uchaze ukushona kwakhe njengokuqeda umdlalo othandwa kakhulu.

“Bekungathi umdlalo omnandi wombhoxo kodwa osuphelile,” kusho uMusa.

“Ubengumuntu osemusha obeziphethe kahle futhi ebenekusasa eliqhakazile phambi kwakhe.”

UMusa uthe impi yokulwela ubulungiswa kuLindani isazoqhubeka.

Umngani wakhe akhula naye uSakhile Ngcobo, uthe noma yinini lapho kukhona akudingayo ubefonela uLindani.

“Ubengisiza nganoma yini,” kusho uSakhile.

Kusolwa ukuthi ngobusuku bokubulawa kwakhe, uLindani washiya unkosikazi wakhe nezingane wahamba ngemoto ngemuva kokuzijabulisa komndeni. Amaphoyisa asola ukuthi uLindani ungene endlini yomuntu angamazi, wahlala phansi wakhumula izicathulo wabe esaqala ukukhuluma nabantu abasendlini. Abanikazi bomuzi babize amaphoyisa.

USusan Ballard, ongumphathu wamaphoyisa e-Honolulu, utshele abezindaba ngoLwesine ukuthi amaphoyisa amathathu athunyelwe esigamekweni obekusolwa ukuthi kubanjwa inkunzi. Ngesikhathi amaphoyisa efika ethola uLindani ehleli emotweni yakhe, kwalandela ingxabano eyaholela ekutheni adubuleke.

USihlalo we-Empangeni Rugby Club, uThomas Chilcott, utshele i-Scrolla.Africa ukuthi uphatheke kabi kakhulu.

Imininingwane yomngcwabo isazokhishwa.

Isithombe: @TheSouthAfrican

Izihloko zakamuva