EBESIBATHANDA ASEBESILAHLEKELE: Ian MacIntosh (1938 – 2023) 

Lubhalwe nguLucky Maree

Owesilisa onomndlandla futhi obehlezi ejabulela ukuphila, u-Ian MacIntosh wathatha izintambo zokuqeqesha amaBhokobhoko ngesikhathi abalandeli bombhoxo bakuleli bebona ukuthi elakuleli aliselona iqembu elikhulu emhlabeni.

Kwakunyaka ka-1992, ngesikhathi elakuleli lihluleka ukuwina imidlalo yama-test emine kwemihlanu. Kwakucacile ukuthi indlela yokudlala yamaBhokobhoko isiphelelwe isikhathi.

Umqeqeshi wamaBhokobhoko, uJohn Williams ubenza umsebenzi omuhle ngendlela emangalisayo futhi ubengumuntu odla ngoludala. Owesilisa owayekholelwa kubadlali bakhe eqinisweni ubengafani nabanye.

Wancamela ukuphumela obala, wangakwazi ukufihla imizwa yakhe kanti kwase kucacile ukuthi uWilliams akasakwazi ukuhola ama-Boks, uLouis Luyt wamxosha.

Wafaka uMacIntosh.

UMac wayengafani noWilliams ngayo yonke indlela. Ekujabulela ukukhuluma nabezindaba, ubehlezi eseka abantu nethimba lakhe.

Enethezeke kakhulu ngekepisi ne-tracksuit, ubebonakala eceleni kwenkundla ehlezi ejabule neqembu lakhe, kungaba injabulo noma usizi.

UMac wakhuphula iqembu lama-Sharks ekuqaleni kwango-1990 walifundisa ibhola lo mbhoxo lesi manjemanje futhi ubengumuntu ofanele ukuqeqesha ama-Boks.

Lo wesilisa owayedume ngelika-“The Master” waba ngumqeqeshi ngeminyaka yango-1993 no-1994 futhi  ngemuva kwesikhashana wenza izinguquko eziningi kwibhola lomboxo lakuleli. ULuyt ukhiphe uKitch Christie, owahola amaBhokobhoko anqoba iNdebe yoMhlaba ngo-1995.

UMcIntosh nguyena obekhetha abadlalo bamaBhokobhoko iminyaka engu-13 futhi usebenze nabaqeqeshi abaningi besizwe sakuleli emazingeni aphezulu.

Ushonele esibhedlela saseMhlanga entathakusa ngoLwesithathu kubikwa ukuthi ubenomdlavuza.

Ekhasini labo le-Twitter elisemthethweni iqembu lama-Sharks libhale ukuthi: “UMnu. Mac, njengoba ayaziwa kanjalo ubengumqeqeshi obezimisela kunabo bonke emlandweni webholo lo mboxo wama-Sharks futhi wasiholela ekuphumeleleni. Ube yinxusa langempela lejezi elimnyama nelimhlophe kwaze kwaba sekugcineni.”

Isithombe esingenhla: U-Ian MacIntosh

Umthombo wesithombe: I-SA Rugby

Izihloko zakamuva