E-Witbank bashaqekile ngokulahleka kombungu

Isibhedlela sase-Witbank simise abahlengikazi ababili kanti futhi amaphoyisa aseqale uphenyo  ngemuva kokulahleka kombungu wosana oluzalwe selushonile.

Njengamanje kusolwa ukuthi:

  • Umama wosana wahlinzwa mhla zi-11 kuZibandlela kowezi-2020 enamasonto angama-35 ekhulelwe, futhi wayazi kahle ukuthi ubeletha ingane esishonile.
  • Uphume ngoLwesihlanu esibhedlela kanti umbungu wengane ugcinwe emakhazeni esibhedlela ngempelasonto.
  • NgoMsombuluko, umama nomndeni wakhe baye esibhedlela beyocela umbungu ukuze bezowungcwaba..
  • Umndeni watshelwa ukuthi ubuye ngosuku olulandelayo.
  • Ekubuyeni kwabo umndeni wanikezwa umbungu abangawazi, owabo ulahlekile.

UNgqongqoshe wezeMpilo eMpumalanga, uNkk Sasekani Manzini, uzwakalise ukushaqeka ngalesi sigameko. “Akwamukelekile ukuthi singabeka umbungu endaweni engeyiyo futhi singakwazi ukuphendula ngokuthi umzimba ukuphi. Lolu daba kumele luphenywe ngokugcwele futhi abaphathi kumele basebenze,” kusho uNgqongqoshe.

Umndeni uvule icala emaphoyiseni kanti okhulumela amaphoyisa aseMpumalanga u-Colonel Donald Mdhluli uthe, “uphenyo seluqalile futhi sisebenza ngokungakhathali ukuqinisekisa ukuthi umndeni ungcwaba ingane yawo ukuze iphumule”, kusho uNgqongqoshe.

Isiphetho sabahlengikazi abamisiwe sizonqunywa ngemuva kokuphothulwa kophenyo.

Isithombe: @rainbowbaby

Izihloko zakamuva