E-Thailand banenkinga yezindlovu ezingena emasimini

Arthur Greene

Owesifazane wase-Thailand uvuke phakathi kwamabili evuswa ngumsindo wamabhodwe namapani abekhala ekhishini lakhe.

Kodwa ngenkathi uRatchadawan Puengprasoppo efika ekhishini lakhe, akazange athole abagqekezi njengoba kungenzeka ukuthi ubelindele bona kunalokho uthole uhlobo olwehlukile lwesivakashi.

Indlovu ebilambile igqobhoze ngekhanda layo odongeni lwekhishi, yazulazula ifuna ukudla!

Indlovu, igama layo linguBoonchuay, ibisebenzisa umboko wayo ukucinga ukudla, kodwa ibigingqa amabhodwe namadilowa ekhishini.

Ingekho into abengayenza, uRatchadawan uthathe umakhalekhukhwini wakhe waqopha lesi sigameko, ngesikhathi uBoonchuay ehlafuna uplastiki.

UBoonchuay, ohlala epaki likazwelonke lase-Kaeng Krachan, empeleni uyisivakashi esivamile esigodini esingumakhelwane sase-Chalermkiatpattana, futhi uyaziwa kakhulu ngabantu bendawo.

“Izindlovu zivakasha njalo. Ziza njalo uma kunemakethe yendawo ngoba ziyakwazi ukuhogela iphunga lokudla,” kusho u-Itthipon Thaimonkol umphathi wepaki, etshela i-Guardian.

UDkt Joshua Plotnik, ofunda ngezindlovu e-Salakpra Wildlife Sanctuary e-Kanchanaburi, entshonalanga ye-Thailand, utshele abezindaba ukuthi levidiyo iveza inkinga yezindlovu esezihambela imiphakathi yasendaweni.

“Ezigodini engisebenza kuzo e-Thailand, izindlovu zingena emasimini ezitshalo zabalimi cishe ubusuku bonke. Lolu wudaba olunzima impela phakathi kwabalimi nezindlovu,” kusho yena.

Uthe izindlovu ziza zizofuna umoba nommbila, nokuthi abantu bendawo bazwelana nezilwane ezincelisayo ezinokuthula.

“Bakhungathekile ukuthi lokhu kuyenzeka, futhi bafuna ngempela ukuthola izixazululo zokukuvimba, kodwa abavamisile ukusola izindlovu,” esho.

Izihloko zakamuva