Moyahabo Mabeba
Ukutholakala kwezidumbu ezibolayo zodade ababili kuqhubeke nokugqamisa inkinga yokubulawa kwezingane e-Limpopo.
Izifunda ezithinteke kakhulu yi-Sekhukhune ne-Capricorn.
Kusukela ekuqaleni kukaMandulo, ziyi-12 izingane esezibulewe esifundazweni, futhi zonke lezi zingane kusolwa ukuthi zibulawa ngabantu ezibaziyo.
Izidumbu zezelamani zakwaRaphasha, uKamogelo, oneminyaka eyisikhombisa, nodadewabo omncane uTshegofatso oneminyaka emihlanu zitholakale edlelweni elincane esigodini sase-Ga-Mashalane endaweni yase-Senwabarwana. Umuntu obedlula ngendlela ubone isidumbu somunye sibekwe eduze kwesinye wabe esexwayisa amalungu omphakathi.
Lezi zingane ezimbili ziduke kusukela ngomhla zingama-23 kuNcwaba ngemuva kokuba zigcine ukubonwa nomalumekazi wazo ongaphilile kahle ekhanda.
Inhlekelele yakwaRaphasha iza ngemuva nje kokutholakala kwamantombazane amathathu amancane entanta emfuleni oseduzane esigodini sase-Phooko ngase-Dennilton.
Izelamani zakwaMgomane uNonjabulo, oneminyaka eziyisishiyagalolunye, nomfowabo omncane uThemba, oneminyaka eyisishiyagalombili, babulawe kanye noKatlego Sibande oneminyaka eyi-15 ubudala.
Kusolwa ukuthi umsolwa yisoka likaKatlego.
Namanje e-Sekhukhune, umndeni wakwaTjebabi uyaqhubeka nokukhala ngokubulawa okubuhlungu kukaBokamoso okusolwa ukuthi wadlwengulwa wabulawa ngumakhelwane.
USharon Modiba, usonhlalakahle ovela kwi-Child Welfare South Africa uthe abanazo izibalo eziqondile, kodwa ukubulawa kwezingane kuyinkinga enkulu ezweni.
“Siluleka abazali nabanakekeli ukuthi benze konke okusemandleni ukuvikela izingane zabo ngokwazi ukuthi zidlala kuphi nokuthi zidlala nobani,” esho.
“Abaholi bomphakathi kumele bakhombe izindawo eziyingozi futhi bazame ukwakha indawo ephephile yezingane”.
UNkakareng Rakgoale, uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi uthe ukhathazekile ngokusabala kwezigameko zokuhlukunyezwa kwezingane bese ekugcineni ziyabulawa.
URakgoale uthe: “Abasebenzi bezeNhlalakahle bavame ukuthunyelwa emindenini ethintwe yilezi zehlakalo ezibuhlungu ukuze banikeze ukusekelwa ngokwengqondo. Siyethemba ukuthi uphenyo lwamaphoyisa luzosikhanyisela nokuthi ubulungiswa buzobakhona”.
UNkk Mavhungu Lerule-Ramakhanya, onguNgqongqoshe wezokuPhepha koMphakathi uthe iyamkhathaza imibiko yokulahleka nokushona kwezingane okubangela ubuhlungu obungaka.
“Amaphoyisa ngeke aphumule iqiniso lingakaveli. Sinesibopho sokuqinisekisa ukuthi abantu bakithi baphephile,” esho.