Lubhalwe nguRorisang Modiba
- Kubulawe abantu abangaphezu kuka-2 900 njengoba amavukelambuso e-M23 ase-Rwanda ephule isivumelwano sokuthula futhi ehlasela amadolobha asempumalanga ye-Congo.
- Abantu bendawo bafuna ukuthula njengoba impi ibhebhetheka edolobheni i-Bukavu.
Sekuvele imibiko emisha yokuthi kungenzeka ukuthi izinkulungwane zabantu zishonele ezandleni zamavukelambuso i-M23 esekelwe i-Rwanda empumalanga ye-DRC.
Bangaphezu kuka-2,900 abantu empumalanga ye-Congo abashonile njengoba amavukelambuso ephula isithembiso sawo sokuba nokuthula adlulela kwelinye idolobha elikhulu.
Amavukelambuso e-M23 athola ukwesekwa amasosha ase-Rwanda aseqale ukuhlasela eduze kwedolobha i-Goma e-Democratic Republic of Congo (DRC).
Manje sebebheke e-Bukavu, phezu kokuthi phambilini bebeshilo ukuthi ngeke bayihlasele.
“Lokhu kuwubufakazi bokuthi isivumelwano esimenyezelwe sohlangothi olulodwa, njengokwejwayelekile, bekuyitulo,” kusho uPatrick Muyaya, okhulumela uhulumeni wase-Congo.
Le mpi yenzeka endaweni enothe ngamaminerali futhi esike yabhekana nezimpi eziningi phambilini.
Uhulumeni wase-Congo ukhungathekile ngokuthi amanye amazwe awenzi okwengeziwe ukusiza.
UNgqongqoshe Wezangaphandle uThérèse Kayikwamba Wagner uthe: “Sibona izimemezelo eziningi, kodwa asiziboni izenzo.”
Yize amazwe ase-Afrika ezama ukunqanda impi ukuthi ingabhebhetheki, abantu abahlala e-Bukavu bayesaba futhi bakhathele.
“Sikhathele yizimpi ezingapheli, sifuna ukuthula,” kusho uJacqueline Ngengele obehambele umkhuleko wokuthula.
Esithomben esingenhla: Umndeni ose-Congo.
Umthombo: @UN