Cha, Nicki, umuthi wokugoma awuyiqedi inzalo

Arthur Greene

Umngani kamzala kaNicki Minaj ohlala e-Trinidad  ugcwele umoya emasendeni akhe.

Lo mbiko umise umhlaba kuleli sonto ngenkathi umrepha waseMelika ekubhala ku-Twitter njengesizathu sokuqapha umjovo we-Covid-19.

“Umzala wami e-Trinidad ngeke awujove umuthi wokugoma ngoba umngani wakhe wawujova wase waba nenkinga yokungatholi izingane. Amasende akhe avuvukele,” kusho lo mrepha okhungathekile.

“Umngani wakhe wayesalelwe amasonto ukuthi ashade, manje intombazane iwumisile umshado”.

Uqhubeke nesixwayiso esisuka enhlizweni wathi: “Vele usikhulekele futhi uqiniseke ukuthi uyasamukela isinqumo sakho futhi awuhlukunyezwa”.

Ukucacisa, umuthi wokugoma we-Covid-19 awubangeli ubunyumba noma ukuvuvukala kwamasende. Eqinisweni, i-Covid-19 ingaqeda inzalo kwabesilisa.

Konke lokhu kuqale nge-Met Gala, umcimbi waminyaka yonke wokuqoqa imali wabacebile nabadumile eMelika. UMinaj akakwazanga ukuya emcimbini walo nyaka ngoba ubengakagonywa.

“Uma ngigonywa ngeke kube ngenxa ye-Met. Kuzoba uma sengibona ukuthi sengenze ucwaningo olwanele. Ngimatasa ngakho manje,” usho kanje ku-Twitter ngoLwesine.

Akukhona nje kuphela ukuthi isimo samasende omngani kamzala kaMinaj kubhalwe ngaso izikhathi ezingaba yizi-90 000, izindaba ziphinde zadlulela nakwezombusazwe zaseBrithani.

Ngesikhathi exoxa nge-coronavirus uNdunankulu wase-UK uBoris Johnson, isikhulu sezokwelapha e-England, uSolwazi uChris Whitty, sathi uMinaj “kufanele abe namahloni” ngokuthi ubengumsabalalisi wemininingwane engeyona mayelana ne-Covid-19.

UMinaj akachithanga sikhathi, wabaphendula bobabili uWhitty noJohnson.

Ebeke isithombe sikaWhitty eceleni, ubhale kuTwitter wathi, “Ngiyamthanda yize ngicabanga ukuthi ubengeyisa? Nendlela yokukhuluma ugh! Yassss boo!!!”.

Ngemuva kwalokho, waqopha irekhodi yezwi elihlekisa ngoJohnson ekhuluma ngendlela yamaNgisi.

Kodwa uMinaj uthole umlingani kumphathi wezindaba waseMelika, uTucker Carlson, osabalalise izingxenye eziningi eziphikisana nomgomo. Wenze isicelo emoyeni sokuba umngani kamzala wakhe eze ohlelweni lwakhe lwezingxoxo.

Khonamanjalo, uNgqongqoshe Wezempilo wase-Trinidad nase-Tobago baphendulile, bathi alikho icala elibikiwe lanoma ngubani ojove ngomuthi wokugomela i-Covid-19 endaweni yangakubo obe nenkinga yenzalo.

Khonamanjalo, eminye imibono ibisabalala ezinkundleni zokuxhumana ngendlela amasende alo mngani avuvukale ngayo futhi wabanenkinga yokungabinayo inzalo, abanye bephakamisa ukuthi ubengenwe yisifo esithathelana ngokocansi.

“Owesilisa ukhohlisa ingoduso yakhe, uthole i-std, uqamba amanga ngayo, futhi uphakela amazwe omhlaba alwa nomuthi wokugoma, ngochungechunge lwemibhalo ehlaba umxhwele,” kubhala omunye umuntu ongabaza le ndaba.

Izihloko zakamuva