‘Cha angishonile,’ uHlengiwe utshela abalandeli bakhe

Xolile Nkosi

Isihlabani somculo wokholo uHlengiwe Mhlaba usinde “ekufeni okushiwo yimithombo yezokuxhumana”.

Izinkundla zokuxhumana beziduma ngemuva kokuthi othile eqale ukusabalalisa amahlebezi okuthi uHlengiwe ushone ngoMgqibelo ebusuku, abalandeli bakhe baqala ukuthumela amazwi enduduzo kanti akunjalo, bathola ukuthi usaphila.

Umngani omkhulu kaHlengiwe nozakwabo uZanele Mbokazi-Nkambule usheshe waphebeza la mahlebezi.

“Ngesikhathi ngibona izimangalo ngokushona kukaHlengiwe, ngavele ngamshayela ucingo,” kusho uZanele.

“Ngakhululeka ngesikhathi ephendula ucingo lwakhe. Wangitshela ukuthi uyaphila futhi ubelokhu ethola izingcingo ezivela kubantu abathukile ngalezi zindaba.”

UZanele ungene ezinkundleni zokuxhumana ukuqinisekisa ukuthi uHlengiwe usaphila.

UHlengiwe ubuye waveza ekhasini lakhe le-Instagram ukuthi usaphila kakhulu futhi ungumqemane.

“Le mpelasonto ibixakeke kakhulu kimina. Angazi ngempela ukuthi ngubani ophume nomyalezo wokuthi ngidlulile emhlabeni,” kubhala yena.

Ubuye wanxusa abantu ukuthi babe nozwele uma kukhulunywa ngokushona ngoba imindeni iyathinteka.

“Ake sizwele imindeni nabangani abasondelene. Yibo abadlula esikhathini esinzima kakhulu. Masikhumbule leyo mindeni ngaphambi kokuya ezinkundleni zokuxhumana. Ngiyaphila kakhulu,” kusho uHlengiwe.

Izindaba zokudlula emhlabeni kukaHlengiwe bekushaqisile njengoba le mboni ibilahlekelwa ngabaculi abaningi abanethalente ngenxa ye-coronavirus.

Izihloko zakamuva