Scrolla exclusive

Kugqekezwe isiteshi samaphoyisa eKZN

Amasela ahlomile agqekeze emahhovisi esiteshini samaphoyisa e-Verulam kuleli sonto kanti nyakenye kwebiwa izimoto emagcekeni.

Bawuqale kabi unyaka abafundi base-EC

Abafundi base-Eastern Cape babhekane nemifula egcwele amanzi, ukungabibikho kwezithuthi, imigwaqo eshelelayo kanye nezindlu zangasese eziyimgodi njengoba kuvulwe izikole.

Udilikajele kunina omnance wenkosi nesoka lakhe ngokufa kwayo

Limshonele emini unina omncane weNkosi yakwaZondi eNkandla eyabulawa ngentululwane yezinhlamvu ekhaya eMpotholo njengoba egwetshwe udilikajele benesoka lakhe ebeliyinduna yesizwe ngecala lokuthenga inkabi ukuba ibulale uNdabezitha uMzomuhle Zondi ngo-2021.

Kushe ibandla emuva kokushaywa umbani

Isakhiwo sesonto e-Kagiso sishaywe wumbani ngoMsombuluko, okuholele ekutheni kuqubuke umlilo ocekele phansi ibhilidi.

Ingqalabutho yomculi isingene emculweni wamapiano

Umculi odumile uBlondie Makhene uphendukele emculweni wamapiano ukuze ahehe isizukulwane esisha.

Usuvaliwe umncintiswano weScrolla

Usuvaliwe umncintiswano wokuwina ibhethri le-Gizzu - kodwa ungakhathazeki! Qhubeka nokudlala umdlalo kagqamcishi i-Eskommando khona la.

Usizi owesifazane eshonela ebhasini

Kushone umgibeli ebhasini le-Golden Arrow ebelisuka e-Bellville liya eKhayelitsha ngemuva kokugula esohambweni.

Uphenduke isilomo umfundi kaMatric wakwaCeza ozohlonishwa uMotshekga

Useyisilomo umfundi wakwaCeza OLundi ozohlonishwa uNgqongqoshe weMfundo eyisisekelo kuzwelonke uNkk Angie Motshekga ngokubaqwaqwada emakhanda bonke kumatikuletsheni kuleli.

Imbibizane kuZuma umthetho umnqinda isikhundla kuhulumeni

UZuma angahola iqembu lakhe elisha futhi eluleke amalungu alo ePhalamende ngendlela yokuvota - kodwa njengo muntu obuya ejele akakwazi ukuba nesikhundla kuhulumeni.

Indida ngemizamo yokweba u-R33 million kamasipala ebhange

Sekuqubuke indida ngemali kamasipala waseZululand engu-R33 million okuthiwa yanyamalala ebhange lase-Absa ngoZibandlela njengoba umphathi kamasipala ethi yagcina ingalahlekanga yize i-EFF ithe yebiwa.

Recent articles