Uncategorised

UZuma noShaik sebephinde baba izithupha ziya ogwayini

Abangani abadala kanye nabaxhasi bempilo kaJacob Zuma sebephinde bahlangana njengoba owayenguMengameli ezama ukuqala phansi kwezepolitiki neqembu loMkhonto Wesizwe.

Umonakalo iziqhumane zishisa imijondolo

Ikomidi lomgwaqo licele abanikazi bezitolo ukuthi bangazithengisi iziqhumane futhi laxwayisa izingane ukuthi zingadlali ngazo, kodwa akekho olalelile.

Izithandani zibophe ifindo likasofasilahlane esibhedlela

Izithandani zase-Daveyton zenze izifungo zazo zomshado ewodini lesibhedlela i-Far East Rand.

Kuboshwe umseshi ngemuva konyaka kubulawe iphoyisa ayethandana nalo 

NgoLwesine ekuseni, amaphoyisa abophe umphenyi wamaphoyisa e-Hillbrow ngecala lokukhwabanisa, ukuqamba amanga kanye nokwenza umkokotelo ngemuva konyaka kudutshulwe uSayitsheni Jacob Masemola.

Ishubile eyokulwa nokusetshenziswa kwezidakamizwa eNMB

UMasipala waseNelson Mandela Bay wethule okokuqala ikomidi elizolwa nokusetshenziswa kwezidakamizwa endaweni ukuze kuliwe nesihlava esesiholele ekubhebhethekeni kobugebengu kuleli dolobha.

Kubanjwane ngamawashingi kwelikaMeyiwa

Kuqubuke ingxabano eNkantolo eNkulu yasePitoli ngesikhathi kuqhubeka ikhefu ecaleni eliqhubekayo lokubulawa kowayengunozinti ongasekho uSenzo Meyiwa.

Kubulawe oweGift of the Givers nomfowabo e-Gaza

U-Ahmed Abbasi, oyilngu lenhlangano engayenzi inzuzo i-Gift of the Givers nomfowabo babulawe ngesihluku e-Gaza Strip.

Usazoqhubeka nokuhlupha ugqamcishi 

Ukucishwa kukagesi kuzokwenzeka naphezu kokuthi seziqalile izivivinyo zokugcina zikamatikuletsheni - konke u-Eskom angakwenza ukunweba amahora okusebenza phakathi nosuku futhi aqale ukucisha ugesi ngemuva kwehora lesine ntambama.

Ahudula izinyawo amaqembu aseNingizimu Afrika kwelombhoxo

Njengonyaka odlule amaqembu aseNingizimu Africa akwi-United Rugby Championship aphinde aqala kabi.

Ngenela umncintiswano wethu we-ESKOMMANDO

Umncintiswano wethu we-Gizzu usubuyile futhi ulungele umjikelezo wesithathu! Vele udlale umdlalo wethu wokucishwa kukagesi u-Eskommando.

Recent articles