Ezemidlalo

I-Kaizer Chiefs yephula isiqalekiso

Ngokokuqala ngqa emlandweni wabo i-Kaizer Chiefs ingene kweyamaqoqo e-CAF Champions League.

Ngabe uNurkovic angayisindisa iChiefs?

Ngabe uSamir "Kokota" Nurkovic angaba ngumsindisi we-Kaizer Chiefs aqede nesomiso samagoli saMakhosi? UNurkovic unezimfanelo ezilahlekele umqeqeshi uGavin Hunt we-Chiefs.

Umakadebona uLewandowski udlule uMessi noRonaldo

Okokuqala ngqa emsebenzini wakhe, uRobert Lewandowski ukuthi azuze umklomelo womdlali wonyaka we-FIFA Men's Player of the Year. Lo mgadli weBayern Munich unqobe uLionel Messi weBarcelona noCristiano Ronaldo weJuventus asebephathe iminyaka.

UMngqithi uzimisele njengoba i-Downs ibhekene ne-Arrows engakaze ihlulwe

UManqoba Mngqithi, umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uthe wazi konke okumele akwenze nge-Golden Arrows.

UZuma ubuyela ukuzophakamisa Amakhosi

UDumisani Zuma kulindeleke ukuthi aqale isizini okokuqala lapho Amakhosi ezobhekana neqembu lakhe lakudala i-Bloemfontein Celtic enkundleni yazemidlalo i-FNB ngoMgqibelo ngehora lesithupa ntambama.

“Amakhehla” eSwallows awazibekile phansi

Ngesikhathi uBrandon Truter eqoqa "amakhehla" mbumbulu ewafaka eqenjini leSwallows FC ngesikhathi kusamiswe ukudlalwa kwebhola, wathola imibono engemihle kubantu abaningi.

UMkhalele uphatheke kabi ngokwehluleka kwaMajita ukungena kwi-Afcon

Umqeqeshi weqembu lesizwe labaneminyaka engaphansi kwengama-20 laseNingizimu Afrika uHelman Mkhalele uthi, ulimele kakhulu kulandela ukwehluleka kwaMajita ukungena kwi-U/20 African Cup of Nations (Afcon) ngonyaka ozayo.

I-UEFA izophenya ngesehlakalo sokucwasa

Isikhulu sesine esisolwa ngokucwasa ngokwebala emdlalweni wangoLwesibili we-UEFA Champions League singazithola sesisenkingeni.

UHunt uthukuthele ugane unwabu ngamaphutha afana “nawezingane zesikole”

Umqeqeshi uGavin Hunt usale ethukuthele ngemuva kokuthi i-Kaizer Chiefs idlale ngokulingana ngamagoli amabili kwamabili ne-Black Leopards, emdlalweni wayo we-DStv Premiership ekhaya ngoLwesithathu ebusuku.

I-Real Madrid isiseduze nokuqopha umlando

IReal Madrid isonqenqemeni lokuqopha umlando - kodwa akuyona ingqophamlando abazoziqhenya ngawo.

Recent articles