Ezemidlalo

Izikhulu ezimbili zesibhakela zixoshwe ngemuva kokuhlolwa ngobuchwepheshe obuhlonza amanga

Izikhulu ezimbili zesibhakela ziphindiselwe ekhaya zisuka ku-Aiba World Amateur Boxing Championships ngemuva kokuthi ubuchwepheshe bokuhlonza amanga buveze ukuthi ziyasolisa ngesikhathi ziphekwa ngemibuzo.

Izazi zemvelo zikhathazekile njengoba kuzosetshenziswa amanzi kwenziwe iqhwa e-China

I-Winter Olympics ezayo ithole ukugxekwa okushubile kwezishoshovu zesimo sezulu njengoba izintaba zase-China zizogcwala iqhwa mbumbulu emicimbini ye-Alpine.

Umakadebona uqeqesha abasubathi be-taekwondo ngasese e-Afghanistan

UYasamin Azizi akakuvumelanga ukuphathwa kwe-Taliban e-Afghanistan ukuthi kumvimbele ekuqeqesheni abasubathi besifazane be-taekwondo. Kodwa lo mqeqeshi osemnkantshubomvu uphoqeleka ukuthi abaqeqeshe ngasese.

Inkantolo yenze isibonelo ngomdlali ocwasa ngokobuhlanga

Umlandeli webhola lase-England u-Jonathan Best ugwetshwe amasonto angamashumi ebhadla ejele ngokuhlukumeza ngokobuhlanga uMarcus Rashford, uJadon Sancho kanye noBukayo Saka kulandela ukuhlulwa kowamanqamu kwi-Euro 2020 ngenkathi i-England idlala ne-Italy.

Isihlabani sethenisi sase-China sisola lowo owayeyiPhini likaNdunankulu ngokusihlukumeza ngokocansi

Esinye sezihlabani sase-China esihamba phambili kwithenisi, uPeng Shuai, esitatimendeni esisusiwe ezinkundleni zokuxhumana sithi lowo owayeyiPhini likaNdunankulu wamhlukumeza ngokocansi eminyakeni emithathu edlule.

Kuzohlukana inhloko nesixhanti kule mpelasonto kwezemidlalo

Abathandi bezemidlalo baseNingizimu Afrika kumele balungele usuku olude lokubukwa kwezemidlalo ngoMgqibelo!

I-Blaq Diamond ikhiphe ingoma eshisa izikhothe enesihloko esithi-“Italy”

Iqembu labaculi ababili le-Neo Afro-pop i-Blaq Diamond likhiphe enye ingoma eshisa izikhotha enesihloko esithi-"Italy".

Owayengumdlali we-All Blacks uhlolwe watholakala enesifo sokuwohloka komqondo eneminyaka engama-41

Owayengumdlali we-All Blacks uCarl Hayman umemezele ngoLwesithathu ukuthi kutholakale ukuthi unesifo sokuwohloka komqondo.

Umqeqeshi wezokusubatha ubhekene necala lokungaziphathi kahle ngokocansi

URana Reider, ongomunye wabaqeqeshi abahamba phambili kwezokusubatha emhlabeni, uzophenywa yisikhungo saseMelika i-SafeSport kulandela izinsolo zokungaziphathi kahle ngokocansi.

Abaphathi be-FIFA abaphoxekile uBlatter kanye noPlatini bagcine bebekwe amacala okukhwabanisa

Ngemuva kweminyaka eyisithupha kwaqala leli cala, ababeyizikhulu ze-FIFA uSepp Blatter kanye noMichel Platini babekwe amacala okukhwabanisa mayelana nenkokhelo engundabuzekwayo yokukhokha izigidi eziyi-R33.2.

Recent articles