Home-Cat1A

UMashatile uthi i-ANC vele isiqalile ukuthatha umhlaba ngaphandle kokukhokha isinxephezelo

UPaul Mashatile utshele iPhalamende ukuthi i-ANC isivele idla umhlaba futhi kwesinye isikhathi ayisikhokhi isinxephezelo uma uzosiza umphakathi.

Izelamani zakwaNdimande sezibuyele eNingizimu Afrika ukuzobhekana namacala okubulala u-AKA nomngani wakhe

Izelamani ezimbili ezisolwa ngokubulala umrepha uKiernan ‘AKA’ Forbes nomngani wakhe uTebello ‘Tibz’ Motsoane zibuyele eNingizimu Afrika, kanti bezigadwe amaphoyisa.

UMchunu uhambise omakhalekhukhwini bakhe ophenyweni lwamaphoyisa

UNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Senzo Mchunu, unikeze abaphenyi omakhalekhukhwini bakhe njengoba kuqhubeka uphenyo nezinsolo zokuthi wagxambukela emsebenzini wamaphoyisa.

ULesufi ufisele ukubhala okuhle kumatikuletsheni ka-2025

UNdunankulu wase-Gauteng uPanyaza Lesufi uthi ukuphepha nokulungela izivivinyo yizinto ezihamba phambili, njengoba kunezikhungo ezingaphezu kuka-1,000 esifundazweni sonke.

UMchunu uthi uRamaphosa weseka ukuhlakazwa kwethimba eliphenya ngamacala okubulala

UNgqongqoshe uSenzo Mchunu utshele iPhalamende ukuthi uMengameli Cyril Ramaphosa wakweseka ukuvala uthimba eliphenya kokubulawa kosopolitiki.

INgonyama Trust ikhala ngamakhosi adayisa umhlaba ngokungemthetho esikhundleni seKhonza Fee

Ibhodi le Ngonyama Trust likhuza umhlola ngamakhosi adayisela abantu izindawo zokwakha emakhaya ngezimali ezishisiwe nokuyinto okuthiwa iwubugebengu.

UMasemola utshelwe ukuthi kwakungamele amthambele uMchunu

Ilungu le-DA ePhalamende lithi uKhomishana wamaPhoyisa uFannie Masemola uthambile kakhulu kuNgqongqoshe uSenzo Mchunu futhi bekumele asukumele phezulu ngokugxambukela kwakhe emsebenzini we-SAPS.

Iyageleza intuthuko kwesakwaMthethwa selokhu kudlule uMthethwa

Selokhu kudlule uMnuz Nathi Mthethwa emhlabeni obeyiNxusa lakuleli ezweni lase-France intuthuko iyageleza esigodini sakwesakwaMthethwa okuyilapho ezalwa khona,eMpangeni.

Izingwevu zakwaMthethwa zishaya amakhala ngomakhalekhukhwini kaNathi Mthethwa

Amakhehla amadala akwaMthethwa ashaya amakhala ngomakhalekhukhwini kaMnuz Nathi Mthethwa okuthiwa utholakale ebangeni eliqhelile nalapho ashonele khona.

Sekuze kwasukuma uNyazi ngomuzi weLembe okwaDukuza amakhosi ethule

Sekuze kwasukuma uShembe ngomuzi wakwaDukuza weLembe ohlabe ikhwelo lokuba uvuswe ngemuva kweminyaka amakhosi nosopolitiki bengayithi vu.

Recent articles