Breaking News

I-NFP isihoxile kuHulumeni woBumbano eKZN

I-NFP isithathe isinqumo sokuhoxa kuHulumeni woBumbano KwaZulu-Natal yaphinde yakhipha umyalelo wokuthi uNgqongqoshe wayo ahoxe kuKhabhinethi.

UMntwana uSimakade ucela usizo lwezimali ukuze ayochitha iSilo eNkantolo yoMthethosisekelo

UMntwana uThokozani oweseka ukukhishwa esihlalweni kweSilo uMisuzulu kaZwelithini uthi bacela umphakathi ubaxhase ngezimali ukuze uMntwana uSimakade abhekane nezindleko zaseNkantolo yoMthethosisekelo.

UBrown Mogotsi uyaphila kulandela ukudutshulwa kwemoto yakhe e-Vosloorus

Usomabhizinisi uBrown Mogotsi ubesemotweni yakhe ngesikhathi oshayasibhamu bevulela ngenhlamvu e-Vosloorus extension 25 ngoMsombuluko ebusuku, kuqinisekisa amaphoyisa.

ISilo samaZulu sizoshada unkosikazi wesithathu ngeSonto

ISilo uMisuzulu kaZwelithini uzoshada nonkosikazi wakhe wesithathu, iNdlovukazi uNomzamo Myeni, waseNdlunkulu KwaKhangela KwaNongoma ngeSonto ngemuva kokulibaziseka izinyanga.

UZuma usekulungele ukubusa njengoba uhulumeni wobumbano waseKZN ubhidlika

I-National Freedom Party ithi isiphelelwe ukwethemba umfelandawonye we-ANC ne-IFP ophethe KwaZulu-Natal, ixwayise ngokuthi bahlulekile ukusebenzela abantu.

UMalema utholwe enecala lokuqhumisa isibhamu embuthanweni we-EFF

Umholi we-EFF uJulius Malema utholwe enecala kuwo wonke amacala ahlobene nokuqhumisa isibhamu emcimbini weqembu wokugubha iminyaka emihlanu

URamaphosa unesinqumo esinzima okumele asenze kulandela izinsolo zikaMkhwanazi ngoMchunu

UMengameli Cyril Ramaphosa ubhekene nesinqumo esinzima ngemuva kokuba uNgqongqoshe wakhe wamaphoyisa esolwa ngokusiza abashushumbisi bezidakamizwa nokugxambukela kumacala okubulala.

Ugeqe amagula uMkhwanazi ngoNgqongqoshe wamaphoyisa uSenzo Mchunu

UGeneral Nhlanhla Mkhwanazi usola uNgqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu ngokugxambukela kuphenyo lokubulawa kosopolitiki.

Bakhohlwe umbango wesihlalo abaNtwana baseNdlunkulu abangasabhekani sebeshaya ihubo leSilo uShaka phakathi eNkantolo

Ihubo leLembe elaliqanjwa ngezikhathi ezinzima livunguzise umoya wobunye ongasajwayelekile kubantwabana baseNdlunkulu kaZulu abangasabhekani ngenxa yombango wesihlalo njengoba belicule eNkantolo yokuDlulisa Amacala ese-Bloemfontain baviliyela bonke bakhohlwa nokuthi abezwani.

Amaphoyisa adubule abulala owesilisa omataniswa necala lokubulala u-Olerato Mongale

Umsolwa omkhulu ekubulaweni kuka-Olerato Mongale udutshulwe wabulawa amaphoyisa ngemuva kokuvulela ngenhlamvu ebhekise kuwo eManzimtoti.

Recent articles