Buyisela izikhwama zakho zemali emuva. I-Arsenal ayithengiswa!

Dylan Bettencourt

Abanikazi bamaqembu, uStan noJosh Kroenke ngeke bathengise noma iyiphi ingxenye ye-Arsenal Football Club, futhi lokho kugcinile!

Lokhu kuza ngemuva kokuba abalandeli bekhombise ukukhungathekiswa ngabaphathi bekilabhu.

Ngemuva komzamo ohlulekile wokwehlukanisa ne-European Super League, abalandeli beqembu elizinze e-London bakhombise ulaka lwabo kubanikazi bekilabhu ngokubiza umndeni wakwaKroenke ukuthi unikele ngobunikazi beqembu.

UDaniel Ek, ongumsunguli kanye nomphathi omkhulu we-Spotify, umemezele ukuthi unentshisekelo yokuthenga i-Arsenal kanti imibiko iphakamisa ukuthi amaqhawe ale kilabhu, uThierry Henry, uDennis Bergkamp noPatrick Viera bazosiza usozigidi ukuthi azame ukuba abengumnikazi we-Gunners.

Esitatimendeni i-Kroenke Sports and Entertainment ithe bakubonile ukuqagela kwabezindaba maqondana nesicelo sokuthatha i-Arsenal Football Club.

“Sisalokhu sizibophezele ku-Arsenal ngamaphesenti ayi-100 futhi asithengisi noma yisiphi isiteki ekilabhini. Akukho sicelo esisitholile futhi ngeke sithokozele noma yisiphi,” besho.

Lesi sitatimende siqhubeke nokusho ukuthi inhloso yabo ngeqembu ukungenela imincintiswano emikhulu nokulwela izindebe kanjalo nokwenza ngcono ukuncintisana kwabo enkundleni.

UDaniel Ek, ngokusho kwe-Forbes, ubiza cishe izigidigidi ezingama-R67,5 billion. Ngowezi-2017 waqokwa njengomuntu onethonya elikhulu embonini yezomculo ngokushicilelwa yi-American Billboard.

Umthombo wesithombe: @TheAthletic 

Izihloko zakamuva