Bushayisa amakhala ubufakazi bamngani kaSenzo

Lungani Zungu

Umndeni kaSenzo Meyiwa usole umngani wakhe wesikhathi eside uTumelo Madlala ngokuqamba amanga kulandela ubufakazi bakhe ngoLwesithathu.

Okokuqala uMadlala uthe udinga induku yokuhamba ngenxa yokuphuka umlenze ngesikhathi kudutshulwa uMeyiwa ngo-2014.

Kodwa ngokuhamba kwesikhathi, ngesikhathi ethula ubufakazi ecaleni lokubulala uMeyiwa, uMadlala washiya abaningi bebambe ongezansi ngesikhathi ethi wathwala isidumbu somngani wakhe wasiyisa emotweni yakhe yohlobo lwe-BMW X6 ngemuva kokudutshulwa.

Lokhu kuqubule umbuzo wokuthi ubezokwazi kanjani ukuthwala isidumbu sikaMeyiwa ngesikhathi edonsa kanzima ehamba ngaphandle kwenduku.

“Abantu bakuleli bayabona ukuthi uTumelo unamanga. Lokhu kungenza ngizibuze ukuthi ubewumngani onjani kuSenzo,” umfowabo kaSenzo uSiyabonga Meyiwa etshela i-Scrolla.Africa.

Ubufakazi bukaMadlala bokuthi amaphoyisa athatha induku yakhe abuye abuya nayo buyashayisana nobofakazi bombuso uSayitsheni Thabo Mosia noMlungisi Mthethwa.

“Bathatha induku yami anginaso isiqiniseko sokuthi bayibuyise nini. Kwadingeka ngisayine uma isibuyiswa,” kufakaza uMadlala ngesiZulu.

Bobabili uMosia noMthethwa bake bafakaza phambilini ukuthi induku ayithathwanga ngoba babengeyona ingxenye yobufakazi.

Ebuzwa ukuthi kungani eshiye induku ngesikhathi behambisa uMeyiwa esibhedlela okuthiwa washonela khona uMadlala uthe  wavala uzwane lakhe, hhayi umlenze wonke.

Elandisa ngezigigaba zangeSonto ebusuku ngonyaka ka-2014 uMadlala uthe babebukela umdlalo webhola phakathi kwe-Manchester United ne-Chelsea FC kubo kaKelly Khumalo owayeyintombi kaMeyiwa e-Vosloorus, e-Ekurhuleni.

Ngesikhathi bebuka lo mdlalo uthe kwagasela amadoda amabili ayehlome ngesibhamu acela omakhalekhukhwini babo.

Uthe ngesikhathi uMeyiwa ebambana nesinye isigebengu, wezwa kuqhuma isibhamu waphuthuma ekamelweni lapho afike wafihla khona umakhalekhukhwini wakhe ngaphansi kwenqwaba yezingubo.

Ngesikhathi izigebengu ziphuma zibaleka, zingathathanga omakhalekhukhwini uMadlala uthe wahamba noKelly owahambisa uMeyiwa esibhedlela.

Icala liyaqhubeka eNkantolo eNkulu yasePitoli.

Umthombo wesithombe: @Zalebs

Izihloko zakamuva